Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 21:15 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Kepha abapristi abakhulu nababhali, bebona izimangaliso azenzayo nabantwana bememeza ethempelini, bethi: “Hosiyana kuyo iNdodana kaDavide,” bacasuka,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

15 Kepha abaphristi abakhulu nezazimthetho, sebezibonile izimangaliso ayezenza, nabantwana bememeza ethempelini, bethi: “Hosana kuyo iNdodana kaDavide,” bacasuka,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

15 Kwathi abapristi abakhulu nababhali bebona izimangaliso azenzayo, nabantwana bememeza ethempelini, bethi: “Hosana kuyo iNdodana kaDavide! babethukuthele kakhulu,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Kwathi abapristi abakhulu nababhali bebona izimangaliso azenzayo, nabantwana bememeza ethempelini, bethi: “Hosana kuyo iNdodana kaDavide! babethukuthele kakhulu,

Gade chapit la Kopi




Mathewu 21:15
20 Referans Kwoze  

Izixuku ezazihamba phambili nezazimlandela zamemeza zathi: “Hosiyana kuyo iNdodana kaDavide! Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi. Hosiyana kweliphezulu!”


Ngakho abaFarisi bakhuluma bodwa, bathi: “Niyabona ukuthi anisizi lutho; bheka, izwe lonke liyamlandela.”


Abapristi abakhulu nabaFarisi babekhiphe umyalo wokuthi uma kukhona owaziyo lapho ekhona, ababikele, ukuze bambambe.


Awushongo yini umbhalo ukuthi uKristu uvela enzalweni kaDavide naseBetlehema, emzaneni lapho wayekhona uDavide na?”


Kwathi ukuba iNkosi yazi ukuthi abaFarisi bezwile ukuba uJesu wenza abafundi, ebhapathiza abaningi kunoJohane,


Kwathi sekusile, kwabuthana amalunga abantu nabapristi abakhulu nababhali, bamyisa emphakathini wabo,


Abapristi abakhulu nababhali bafuna ukuba bangambulala kanjani; ngokuba babesaba abantu.


Kwathi ngolunye lwezinsuku lezo esafundisa abantu ethempelini, eshumayela ivangeli, abapristi abakhulu nababhali bekanye namalunga bamvukela.


Abapristi abakhulu nababhali bekuzwa lokho bazindla ngokuthi bangambhubhisa kanjani, ngokuba babemesaba, lokhu isixuku sonke samangala ngokufundisa kwakhe.


Kepha abapristi abakhulu namalunga bancenga izixuku ukuba zicele uBaraba, zimbulale uJesu.


Kwathi sekusile, bonke abapristi abakhulu namalunga esizwe benza icebo ngoJesu lokuba bambulale;


Abapristi abakhulu nomphakathi wonke bafuna ubufakazi bamanga ngoJesu, ukuze bambulale;


Khona kwabuthana abapristi abakhulu namalunga esizwe egcekeni lompristi omkhulu othiwa uKayafase.


wathi: “Nithini ngoKristu na? Uyindodana kabani na?” Bathi kuye: “EkaDavide.”


Kuthe engena ethempelini, kweza kuye abapristi abakhulu namalunga esizwe, esafundisa, bathi: “Ukwenza lokhu ngagunya lini na? Futhi ngubani okunike leli gunya na?”


Esadlula lapho uJesu, izimpumputhe ezimbili zamlandela, zamemeza zathi: “Sihawukele, ndodana kaDavide!”


Jehova, isandla sakho siphakeme, kepha kababoni; kodwa mababone ukushisekela kwakho abantu, babe namahloni; yebo, umlilo uyakuqeda izitha zakho.


Bathi ukuzwa lokho abayishumi, bazithukuthelela izelamani ezimbili.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite