Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 20:34 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

34 UJesu waba nesihe, waphatha amehlo azo; zase zibona masinyane, zamlandela.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

34 UJesu waba nesihawu wathinta amehlo azo; zase ziyabona masinyane, zamlandela.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

34 UJesu waba nesihe ngazo, wathinta amehlo azo; zase zibona masinyane, zamlandela.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

34 UJesu waba nesihe ngazo, wathinta amehlo azo; zase zibona masinyane, zamlandela.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 20:34
20 Referans Kwoze  

ukuvula amehlo abo ukuba basuke ebumnyameni, baphendukele ekukhanyeni, basuke emandleni kaSathane, baphendukele kuNkulunkulu, ukuze bamukeliswe ukuthethelelwa kwezono nesabelo phakathi kwabangcwelisiweyo ngokukholwa kimi.’


Okokugcina, manibe nhliziyonye nonke, nihawukelane, nithandane ngokwabazalwane, nibe nobubele nokuthobeka,


Kepha uJesu wathatha wathi: “Musani; sekwanele.” Wayiphatha indlebe, wayipholisa.


Yathi iNkosi isimbona, yamhawukela, yathi kuye: “Ungakhali.”


Wagudluka naso esixukwini bebodwa, wafaka iminwe yakhe ezindlebeni zaso, wafela amathe, waphatha ulimi lwaso,


UJesu wayesebabiza abafundi bakhe, wathi: “Ngiyasihawukela isixuku, ngokuba sekuyizinsuku ezintathu sihlezi kimi, singenanto yokudla; angithandi ukubamukisa belambile, funa mhlawumbe baphele amandla endleleni.”


Waphuma, wabona isixuku esikhulu; waba nesihe ngaso, waphulukisa abagulayo babo.


Khona wathinta amehlo azo, wathi: “Makwenzeke kini njengokukholwa kwenu.”


Waphatha isandla sakhe, umkhuhlane wamyeka; wavuka, wamkhonza.


UJehova unesihe nobumnene; uyephuza ukuthukuthela, mkhulu ngomusa.


Kwangilungela ukuba ngihlushwe, ukuze ngifunde izimiso zakho.


Ngingakahlupheki ngaduka, kepha manje sengiyaligcina izwi lakho.


Yayisibona khona lapho, yamlandela imdumisa uNkulunkulu, nabantu bonke bekubona bamnika uNkulunkulu indumiso.


Kepha ebona izixuku wabanesihe ngazo, ngokuba zazikhathazekile, zihlakazekile njengezimvu ezingenamalusi.


Ngakho-ke kwamfanela ukuba abe njengabafowabo kukho konke, ukuze abe ngumpristi omkhulu ohawukelayo nothembekayo kokukaNkulunkulu, kube yinhlawulo yezono zabantu.


Zathi kuye: “Nkosi, ukuba amehlo ethu avuleke.”


Kwathi ukuba basondele eJerusalema, sebefikile eBetfage ngaseNtabeni Yeminqumo, uJesu wathuma abafundi ababili,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite