Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 20:30 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

30 Bheka, kwakuhlezi izimpumputhe ezimbili ngasendleleni; kuthe zizwa ukuthi uJesu uyadlula, zamemeza zathi: “Nkosi, Ndodana kaDavide, sihawukele!”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

30 Kwakuhleli izimpumputhe ezimbili ngasendleleni. Zathi zingezwa ukuthi uJesu uyadlula, zamemeza zathi: “Nkosi, Ndodana kaDavide, sihawukele!”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

30 Bheka, izimpumputhe ezimbili zihlezi ngasendleleni, zizwa ukuthi uJesu uyadlula, zamemeza, zathi: “Sihawukele, Nkosi, Ndodana kaDavide!

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

30 Bheka, izimpumputhe ezimbili zihlezi ngasendleleni, zizwa ukuthi uJesu uyadlula, zamemeza, zathi: “Sihawukele, Nkosi, Ndodana kaDavide!

Gade chapit la Kopi




Mathewu 20:30
21 Referans Kwoze  

Khona bafika eJeriko. Kwathi esaphuma eJeriko nabafundi bakhe nesixuku esikhulu, indodana kaThimewu uBartimewu, isinxibi esiyimpumputhe, wayehlezi ngasendleleni.


wathi: “Nithini ngoKristu na? Uyindodana kabani na?” Bathi kuye: “EkaDavide.”


Kwase kufika kuye izimpumputhe nezinyonga ethempelini, waziphulukisa.


Izixuku ezazihamba phambili nezazimlandela zamemeza zathi: “Hosiyana kuyo iNdodana kaDavide! Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi. Hosiyana kweliphezulu!”


Ngakho lokhu engumprofethi, ekwazi ukuthi uNkulunkulu wayefungile kuye ngesifungo ukuthi enzalweni yokhalo lwakhe uyakubeka omunye esihlalweni sakhe sobukhosi,


Ngalowo mzuzu yayiphulukisa abaningi ezifweni nasebuhlungwini nakomoya ababi; nezimpumputhe eziningi yazipha ukubona.


“UMoya weNkosi uphezu kwami, ngokuba ingigcobile ukuba ngishumayele ivangeli kwabampofu, ingithumele ukumemezela ukukhululwa kwabathunjiweyo, nokubona kwabayizimpumputhe, nokuhlenga abacindezelweyo,


Bheka, kwavela emikhawulweni yakhona owesifazane waseKhanani, wakhala wathi: “Ngihawukele, Nkosi, Ndodana kaDavide! Indodakazi yami ikhwelwe kabi yidemoni.”


Siphuthaza udonga njengempumputhe, yebo, siphumputha njengabangenamehlo; sikhubeka emini njengasekuhweleleni; phakathi kwabaphilayo sinjengabafileyo.


“Yizwani nina zithulu; bhekani nina zimpumputhe, ukuze nibone.


Ngiyakuhambisa izimpumputhe ngendlela ezingayaziyo; emikhondweni ezingayaziyo ngiyakuzihola; ngiyakwenza ubumnyama bube ngukukhanya phambi kwazo, namagebhugebhu ukuba ahlelenjwe; ngiyakwenza lezi zinto ngingazishiyi.


Ngalolo suku izithulu ziyakuzwa amazwi encwadi, namehlo ezimpumputhe ayakubona, engasenakufiphala ngesigayegaye nabumnyama.


UJehova uyenza ukuba izimpumputhe zibone; uJehova uyavusa abathotshisiweyo; uJehova uyathanda abalungileyo.


Ekuhlwanyeleni kwakhe enye imbewu yawela ngasendleleni; kwafika izinyoni, zayidla zayiqeda.


Kepha isixuku sazikhuza ukuba zithule, kodwa kwayikhona zimemeza kakhulu, zithi: “Nkosi, Ndodana kaDavide, sihawukele!”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite