Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 2:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Khona uHerode, ezibizile izazi ngasese, wabuzisisa kuzo isikhathi inkanyezi ebonakele ngaso,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 UHerode wayesezibiza ngasese izazi, wazibuzisisa ngesikhathi inkanyezi ebonakale ngaso,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

7 Khona uHerode, ezibizile izazi ngasese, wabuzisisa kuzo isikhathi inkanyezi eyabonakala ngaso.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Khona uHerode, ezibizile izazi ngasese, wabuzisisa kuzo isikhathi inkanyezi eyabonakala ngaso.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 2:7
16 Referans Kwoze  

Umlomo wakhe ubushelezi kunephehlwa, kepha inhliziyo yakhe iyimpi; amazwi akhe athambile kunamafutha; nokho ayizinkemba ezikhokhiweyo.


Wayesethi uSawule: “Ngiyakumnika yena ukuba abe lugibe kuye, isandla samaFilisti sibe phezu kwakhe.” Ngalokho uSawule wathi kuDavide: “Uyakuba ngumkhwenyana wami ngokwesibili namuhla.”


masizihlakaniphele maqondana nabo, funa bande, kuze kuthi lapho kuphuma impi, bahlangane nezitha zethu, balwe nathi, bamuke ezweni.”


Nenyoka yakhwifa, kwaphuma emlonyeni wayo emva kowesifazane amanzi kungathi umfula ukuba immukise nomfula.


“Ngiyambona, kepha kungemanje; ngiyambheka, kodwa kungeseduze; kuyakuvela inkanyezi kuJakobe, nentonga yobukhosi iyakuvuka kwa-Israyeli, ishaye uMowabi emaceleni, ichithe onke amadodana kaSeti.


UJesu esezelwe eBetlehema laseJudiya emihleni kaHerode inkosi, bheka, kwafika izazi eJerusalema, zivela empumalanga, zithi:


wazithuma eBetlehema, wathi: “Hambani nibuzisise ngomntwana; kuyakuthi nxa nimfumene, ningitshele ukuba nami ngiye ngikhuleke kuye.”


Khona uHerode, esebonile ukuthi izazi zimphambile, wathukuthela kakhulu, wathumela wabulala bonke abantwana besilisa baseBetlehema nasendaweni yonke yangakhona, abaminyaka mibili nangaphansi njengesikhathi abesibuzisisile kuzo izazi.


Kepha uFeliksi ekwazi ngokuchachileyo okwaleyo Ndlela wabahlehlisa ethi: “Lapho uLisiya induna yenkulungwane esewukile, ngizakuyinquma indaba yenu,”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite