Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 19:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Namanje ngithi kini: Yilowo nalowo olahla umkakhe kungengokuphinga, aganwe ngomunye, uyaphinga; noganwa ngolahliweyo uyaphinga.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 Namanje ngithi kini: yilowo nalowo olahla umkakhe kungengenxa yokuphinga, bese eganwa ngomunye, uyaphinga. Nalowo oganwa ngolahliweyo uyaphinga.”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

9 Nami ngithi kini: Yilowo nalowo olahla umkakhe, kungengenxa yokuphinga, aganwe ngomunye, uyaphinga;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Nami ngithi kini: Yilowo nalowo olahla umkakhe, kungengenxa yokuphinga, aganwe ngomunye, uyaphinga;

Gade chapit la Kopi




Mathewu 19:9
18 Referans Kwoze  

Kepha mina ngithi kini: Yilowo nalowo olahla umkakhe kungengenxa yokuphinga umenza aphinge, noganwa ngolahliweyo uyaphinga.


“Yilowo nalowo olahla umkakhe, aganwe ngomunye, uyaphinga; noganwa ngolahliwe yindoda uyaphinga.


Umfazi uboshiwe ngesikhathi indoda yakhe isekhona; kepha uma indoda isifile, ukhululekile, angendela nakubani ngokubona kwakhe, kuphela ukuba kube seNkosini.


Kuyezwakala ngempela ukuthi kukhona ubufebe phakathi kwenu, futhi ubufebe bohlobo olungekho ngisho nakwabezizwe, okungukuthi omunye kini uya kumkayise.


Ngabona ukuthi noma ngangimlahlile u-Israyeli ohlehlayo ngalesi sizathu sokuthi uphingile, ngamnika incwadi yesahlukaniso, udadewabo okhohlisayo, uJuda, akesabanga nokho, kepha waya wafeba naye,


Kepha uNkulunkulu weza ku-Abimeleki ngephupho ebusuku, wathi kuye: “Bheka, uyafa ngenxa yowesifazane omthathileyo; uganile endodeni.”


Wandisa ubufebe bakho kuze kubesezweni labathengi, iKalideya, kepha nangalokho awudelanga.


“ ‘Kepha wethemba ebuhleni bakho, wafebela igama lakho, wathululela bonke abadlulayo ubufebe bakho, baba ngobakhe.


“Kuthiwa uma indoda ilahla umkayo, abesemuka abe ngowenye indoda, isayakubuyela kuye na? Lelo zwe belingayikungcoliswa kakhulu na? Kepha wena ofebile nezithandwa eziningi ubuyela kimi,” usho uJehova.


Umfazi kanamandla phezu kowakhe umzimba, kodwa yindoda enawo; kanjalo nayo indoda ayinamandla phezu kowayo umzimba, kodwa ngumfazi onawo.


“ ‘Lapho ngidlula kuwe, ngikubona, bheka, kwakuyisikhathi sakho, isikhathi sokuthanda; ngeneka ingubo yami phezu kwakho, ngembathisa ubunqunu bakho; yebo, ngafunga kuwe, ngangena esivumelwaneni nawe, isho iNkosi uJehova, waba ngowami.


Futhi wenza izindawo eziphakemeyo ezindaweni zakwaJuda, wenza ukuba abakhileyo eJerusalema baphinge, wayenga uJuda.


Wathi kubo: “Ngenxa yobulukhuni benhliziyo yenu uMose wanivumela ukwahlukana nabo omkenu, kepha kusukela kwasekuqaleni kwakungenjalo.


Abafundi bathi kuye: “Uma injalo indaba yomuntu nomkakhe, akukuhle ukuganwa.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite