Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 19:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 wathi: ‘Ngenxa yalokho umuntu uyakushiya uyise nonina, anamathele kumkakhe; labo ababili bayakuba nyamanye,’ na?

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 wayesethi: ‘Ngenxa yalokho indoda iyakushiya uyise nonina, inamathele kumkayo: labo ababili bayakuba nyamanye’ na?

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

5 Wathi: Ngenxa yalokhu indoda izatshiya uyise lonina, inamathele kumkayo, labo ababili bazakuba nyamanye?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Wathi: Ngenxa yalokhu indoda izatshiya uyise lonina, inamathele kumkayo, labo ababili bazakuba nyamanye?

Gade chapit la Kopi




Mathewu 19:5
19 Referans Kwoze  

Umfazi kanamandla phezu kowakhe umzimba, kodwa yindoda enawo; kanjalo nayo indoda ayinamandla phezu kowayo umzimba, kodwa ngumfazi onawo.


Kepha ngenxa yobufebe akube yilowo nalowo abe nowakhe umfazi, nalowo wesifazane abe neyakhe indoda.


Ngenxa yalokho umuntu uyakushiya uyise nonina, anamathele kumkakhe; labo ababili bayakuba nyamanye.


Kepha anazi yini ukuthi ohlangana nesifebe ungumzimba munye naso na? Ngokuba uthi yena: “Labo ababili bayakuba nyamanye.”


Mawuzwe-ke, ndodakazi, uqaphele, ubeke indlebe yakho, ukhohlwe isizwe sakini nendlu kayihlo,


Uthando malungabi nakuzenzisa; nenyanye okubi, nibambelele kokuhle;


Umphefumulo wami ubambelele kuwe; esokunene sakho siyangiphasa.


Kwathi eseqedile ukukhuluma kuSawule, inhliziyo kaJonathani yanamathela enhliziyweni kaDavide, uJonathani wamthanda njengenhliziyo yakhe.


“Ngokuba uma nigcina nokugcina yonke le miyalo enginiyala ngayo ukuba niyenze, nimthande uJehova uNkulunkulu wenu, nihambe ngazo zonke izindlela zakhe, ninamathele kuye,


Womesaba uJehova uNkulunkulu wakho, umkhonze, unamathele kuye, ufunge igama lakhe.


Kodwa nina enanamathela kuJehova uNkulunkulu wenu nisekhona nonke nanamuhla.


Inhliziyo yakhe yabambelela kuDina indodakazi kaJakobe, wayithanda intombi, wakhuluma kuyo inhliziyo yentombi.


abezizwe uJehova ayeshilo ngabo kwabakwa-Israyeli ukuthi: “Aniyikungena kubo, nabo bangangeni kini, ngokuba impela bayakuziphambukisa izinhliziyo zenu, zize zilandele onkulunkulu babo.” Kulabo uSolomoni wanamathela ngothando.


“Ngidabukile ngawe mfowethu Jonathani; wawumnandi kakhulu kimi; lwaluyisimangaliso kimi uthando lwakho, ludlula uthando lwabesifazane.


“AkusiMunye osenzileyo, okusele kuye umoya wethu na? Ufunani lo Munye? Inzalo kaNkulunkulu. Ngalokho qaphelani umoya wenu ukuba ningamkhohlisi umfazi wobusha benu.


Ngakho abasebabili, kodwa banyamanye. Ngakho-ke lokho akuhlanganisileyo uNkulunkulu, umuntu makangakwahlukanisi.”


UDavide wathatha no-Ahinohama waseJizreyeli; baba ngomkakhe bobabili.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite