Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 19:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Bheka-ke, kwasondela kuye othile, wathi: “Mfundisi, ngiyakwenzantoni enhle ukuba ngibe nokuphila okuphakade na?”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 Nakho-ke sekusondela kuye othile, wathi: “Mfundisi, ngingenzani enhle ukuba ngibe nokuphila okuphakade na?”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

16 Bheka, kwasondela omunye, wathi kuye: “Mfundisi Omuhle, ngizakwenzani okuhle, ukuze ngibe nokuphila okuphakade na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Bheka, kwasondela omunye, wathi kuye: “Mfundisi Omuhle, ngizakwenzani okuhle, ukuze ngibe nokuphila okuphakade na?

Gade chapit la Kopi




Mathewu 19:16
32 Referans Kwoze  

nizigcine othandweni lukaNkulunkulu, nibheke umusa weNkosi yethu uJesu Kristu, kube ngukuphila okuphakade.


ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo abe nokuphila okuphakade.


Kepha sazi ukuthi iNdodana kaNkulunkulu isifikile, yasinika ingqondo ukuze simazi oweqiniso; sikuye oweqiniso, kuyo iNdodana yakhe uJesu Kristu. Yena unguNkulunkulu oqinisileyo nokuphila okuphakade.


lokho kuphila kwabonakaliswa, sakubona, siyaqinisa sinishumayeza lokho kuphila okuphakade okwakukhona kuYise, kwabonakaliswa kithina –


“Laba bayakumuka, baye ekujezisweni okuphakade, kodwa abalungileyo baye ekuphileni okuphakade.”


ukuze silungisiswe ngomusa wakhe, sibe yizindlalifa zokuphila okuphakade ngokwethemba.


Yilesi isithembiso yena asethembisa sona: ukuphila okuphakade.


ethembeni lokuphila okuphakade uNkulunkulu ongaqambi amanga akwethembisa phambi kwezikhathi zaphakade,


bezibekelela isisekelo esihle sesikhathi esizayo, ukuze babambe ukuphila okuyikho.


Yilwa ukulwa okuhle kokukholwa, ubambelele ekuphileni okuphakade owabizelwa kukho, wavuma ukuvuma okuhle phambi kofakazi abaningi.


wabakhiphela ngaphandle, wathi: “Makhosi, ngimelwe ukwenzani ukuba ngisindiswe na?”


ukuze njengalokho isono sabusa ngokufa, nomusa ubuse kanjalo ngokulunga, kube ngukuphila okuphakade ngoJesu Kristu iNkosi yethu.


labo abafuna ngokukhuthazela ekwenzeni okuhle inkazimulo nodumo nokungabhubhi bothola ukuphila okuphakade;


Lowo othanda ukuphila kwakhe ulahlekelwa yikho, nozonda ukuphila kwakhe kuleli zwe uyakukulondela ukuphila okuphakade.


ngizinika ukuphila okuphakade, azisoze zabhubha naphakade; akakho ongazihlwitha esandleni sami.


USimoni Petru wamphendula wathi: “Nkosi, siyakuya kubani na? Amazwi okuphila okuphakade akuwe.


Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Okholwayo unokuphila okuphakade.


Nihlola imibhalo, ngokuba nithi ninokuphila okuphakade kuyo; yiyona efakaza ngami.


kepha lowo oyakuphuza amanzi engiyakumnika wona kasayikoma naphakade; kepha amanzi engiyakumnika wona, phakathi kwakhe ayakuba ngumthombo wamanzi aphuphumayo, kube ngukuphila okuphakade.”


Nalowo oshiye izindlu, noma abafowabo, noma odadewabo, noma uyise, noma unina, noma abantwana, noma amazwe ngenxa yegama lami, uyakwamukeliswa okuphindwe kaningi, adle ifa lokuphila okuphakade.


Abaningi abalele emhlabathini wothuli bayakuvuka, abanye bavukele ukuphila okuphakade, abanye ihlazo nokunengwa okuphakade.


kepha ngahawukelwa ngalokhu ukuze uJesu Kristu abonakalise kimi engingesikhulu konke ukubekezela kwakhe, ngibe yisibonelo kwabazakukholwa nguye, baze babe nokuphila okuphakade.


Kepha uJesu ebabheka wathi kubo: “Kubantu akunakwenzeka; kepha kuNkulunkulu kungenzeka konke.”


Wayesebeka izandla phezu kwabo; wamuka lapho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite