Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 18:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 wathi: “Ngiqinisile ngithi kini: Uma ningaphenduki, nibe njengabantwana, anisoze nangena embusweni wezulu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 wathi: “Ngiqinisile ngithi kini: uma ningaphenduki nibe njengabantwana, anisoze nangena embusweni wezulu.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

3 Wathi: “Ngiqinisile ngithi kini: Uma ningaphenduki, nibe njengabantwana abancane, anisoze nangena embusweni wezulu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Wathi: “Ngiqinisile ngithi kini: Uma ningaphenduki, nibe njengabantwana abancane, anisoze nangena embusweni wezulu.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 18:3
28 Referans Kwoze  

njengezingane ezisand' ukuzalwa langazelelani ubisi olungokomoya olungenakonakala, ukuze nikhule ngalo kube ngukusindiswa,


UJesu wayesethi: “Vumelani abantwana, ningabenqabeli ukuza kimi, ngokuba umbuso wezulu ungowabanjalo.”


Bazalwane, ningabi ngabantwana ngengqondo, kanti ebubini nibe yizingane, kepha engqondweni nibe ngabakhulileyo.


Ngiduduzile, ngawuthulisa umphefumulo wami; njengomntwana olunyuliweyo kunina, njengolumulekileyo, unjalo umphefumulo wami phakathi kwami.


Waphendula uJesu, wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Uma umuntu engazalwa ngamanzi nangoMoya, angengene embusweni kaNkulunkulu.


UJesu waphendula, wathi kuye: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Uma umuntu engazalwa ngokusha, angewubone umbuso kaNkulunkulu.”


“Phikelelani ukungena ngomnyango omncinyane; ngokuba ngithi kini: Abaningi bayakufuna ukungena, bahluleke.


Ngalokhu phendukani, niguquke ukuba kuhlangulwe izono zenu,


ngokuba inhliziyo yalesi sizwe seyaba buthuntu; bezwa kanzima ngezindlebe, amehlo abo bawacimezile, funa mhlawumbe babone ngamehlo, bezwe ngezindlebe, baqonde ngenhliziyo, baphenduke, ngibaphilise.” ’


Wathi kuye: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Nizakubona izulu livuliwe nezingelosi zikaNkulunkulu zenyuka, zehla phezu kweNdodana yomuntu.”


Ngokuba ngithi kini: Uma ukulunga kwenu kungadluli okwababhali nokwabaFarisi, anisoze nangena embusweni wezulu.


kepha mina ngikunxusele ukuba ukukholwa kwakho kungapheli; wena-ke, nxa usuphendukile, uqinise abafowenu.”


ukuze ngokubona babone, bangabonisisi, nangokuzwa bezwe, bangaqondi, funa baphenduke, bathethelelwe.”


Ngokuba ngokwenze njalo niyakuphiwa ngokwengcebo ukungena embusweni waphakade weNkosi yethu noMsindisi uJesu Kristu.


baqinisa imiphefumulo yabafundi bebaluleka ukuba beme ekukholweni, bethi: “Simelwe ukungena embusweni kaNkulunkulu ngezinhlupheko eziningi.”


Kepha uJesu wathi kubafundi bakhe: “Ngiqinisile ngithi kini: Onothileyo uyakungena kalukhuni embusweni wezulu.


ngokuba inhliziyo yalesi sizwe isiyaba lukhuni, bezwa kanzima ngezindlebe, amehlo abo bawacimezile, funa mhlawumbe babone ngamehlo, bezwe ngezindlebe, baqonde ngenhliziyo, baphenduke, ngibaphulukise.’


Futhi nxa nizila ukudla, ninganyukumali njengabazenzisi; ngokuba bona banyakamisa ubuso babo, ukuze babonakale kubantu ukuthi bazilile. Ngiqinisile ngithi kini: Sebewamukele umvuzo wabo.


“Nalapho nikhuleka, ningabi njengabazenzisi, ngokuba bethanda ukukhuleka bemi emasinagogeni* nasezinhlanganweni zezindlela ukuba babonwe ngabantu. Ngiqinisile ngithi kini: Sebewamukele umvuzo wabo.


Yenza inhliziyo yalaba bantu ukuba ikhuluphale, nezindlebe zabo zibe buthuntu, ufiphaze amehlo abo, funa babone ngamehlo abo, bezwe ngezindlebe zabo, baqonde ngenhliziyo yabo, babuye, baphiliswe.”


“Ngakho-ke nxa wabela isipho, ungakhalisi icilongo phambi kwakho, njengalokhu kwenza abazenzisi emasinagogeni* nasemigwaqweni ukuba badunyiswe ngabantu. Ngiqinisile ngithi kini: Sebewamukele umvuzo wabo.


Ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Kuze kudlule izulu nomhlaba, akusoze kwadlula gamana linye nasicashana sinye somthetho, kuze kufezeke konke.


Wayesebiza umntwana, wammisa phakathi kwabo,


Ngakho-ke yilowo nalowo oyakuzithoba njengalo mntwana nguyena omkhulu embusweni wezulu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite