Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 18:25 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 Kepha ingenalutho lokukhokha, inkosi yayala ukuba kuthengiswe ngayo, nangomkayo, nangabantabayo, nangakho konke enakho, kukhokhwe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

25 Kepha engenalutho lokukhokha, inkosi yayala ukuba kuthengiswe ngaye, ngomkakhe, nabantwana bakhe nangakho konke ayenakho, ukuze kukhokhwe isikweletu.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

25 Kodwa njengoba ingenalutho lokukhokha, inkosi yayala ukuba kuthengiswe ngaye, nomkayo, nabantwana, nakho konke anakho, kukhokhwe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

25 Kodwa njengoba ingenalutho lokukhokha, inkosi yayala ukuba kuthengiswe ngaye, nomkayo, nabantwana, nakho konke anakho, kukhokhwe.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 18:25
9 Referans Kwoze  

Nokho inyama yethu injengenyama yabafowethu, abantwana bethu banjengabantwana babo; bheka, sithobisa amadodana ethu namadodakazi ethu, abe yizigqila; amanye amadodakazi ethu asethotshisiwe; futhi awakho amandla ezandleni zethu, ngokuba amasimu ethu nezivini zethu sekungokwabanye.”


Kwakhala ku-Elisha owesifazane othile wabafazi bamadodana abaprofethi, wathi: “Inceku yakho, indoda yami, ifile; wena uyazi ukuthi inceku yakho yayimesaba uJehova; sekufike umtshelekisi ukuzithathela abafana bami ababili babe yizigqila.”


Bengenanto yokukhokha, wabayekela bobabili. Ngumuphi kubo konje oyakumthanda kakhulu na?”


“ ‘Uma umfowenu eba mpofu ekuwe, azithengise kuwe, awuyikumsebenzisa njengesigqila,


Ngathi kubo: “Thina njengamandla esinawo sihlengile abafowethu abaJuda ababethengiselwe abezizwe; seniyakuthengisa ngabafowenu, bathengiselwe kithi, na?” Bathula, abafumananga zwi.


Usho kanje uJehova, uthi: “Iphi incwadi yesahlukaniso engimlahlile ngayo, noma ngumuphi enginesikwenetu kuye engithengisile ngani kuye na? Bhekani, nathengiswa ngobubi benu, nangeziphambeko zenu, unyoko walahlwa.


“Uma uthenga isigqila esingumHeberu, siyakusebenza iminyaka eyisithupha; ngowesikhombisa siyakuphuma sikhululekile ngesihle.


Uma ilanga lase liphumile phezu kwalo, kuyakuba yicala legazi phezu kwalo. Isela liyakukhokha nokukhokha; uma lingenalutho, kuyakuthengiswa ngalo ngenxa yokweba kwalo.


Kwathi eseqale ukubala, kwalethwa kuye enye enecala lamatalenta* ayizinkulungwane eziyishumi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite