Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 18:24 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 Kwathi eseqale ukubala, kwalethwa kuye enye enecala lamatalenta* ayizinkulungwane eziyishumi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

24 Kwathi eseqalile ukubala, kwalethwa kuye omunye owayekweleta amathalenta ayizi-10 000.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

24 Kwathi eqala ukulandisa, kwalethwa kuye enye eyayinecala lamatalenta ayizinkulungwane eziyishumi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

24 Kwathi eqala ukulandisa, kwalethwa kuye enye eyayinecala lamatalenta ayizinkulungwane eziyishumi.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 18:24
17 Referans Kwoze  

Ngokuba iziphambeko zami zeqile phezu kwekhanda lami; njengomthwalo osindayo ziyangisinda.


“Wababiza ngabanye abanamacala enkosini yakhe, wathi kowokuqala: ‘Unecala elingakanani enkosini yami na?’


Nalabo abayishumi nesishiyagalombili owawela phezu kwabo umbhoshongo waseSilowama, wababulala, nithi bona babe namacala kunabantu bonke abakhileyo eJerusalema na?


Ngokuba izinhlupheko ezingenakubalwa zingihaqile, iziphambeko zami zingificile, angaze ngaba nakubona; ziningi kunezinwele zekhanda lami; inhliziyo yami ingishiyile.


ngathi: “Nkulunkulu wami, nginamahloni, ngiyakhophoza ukuba ngiphakamisele ubuso bami kuwe Nkulunkulu wami, ngokuba izono zethu zandile ngaphezu kwamakhanda ethu, namacala ethu akhulile kuze kube sezulwini.


“Khona wathi komunye: ‘Wena-ke unecala elingakanani na?’ “Wathi: ‘Izilinganiso eziyikhulu zikakolweni.’ “Wathi kuye: ‘Thatha incwadi yakho, ulobe amashumi ayisishiyagalombili.’


zanikela enkonzweni yendlu kaNkulunkulu amatalenta* ayizinkulungwane eziyisihlanu egolide, namadarike* ayizinkulungwane eziyishumi, namatalenta ayizinkulungwane eziyishumi esiliva, namatalenta ayizinkulungwane eziyishumi nesishiyagalombili ethusi, namatalenta ayizinkulungwane eziyikhulu ensimbi.


“Ngalokho umbuso wezulu ufaniswa nomuntu oyinkosi obethanda ukubalisana nezinceku zakhe.


Kepha ingenalutho lokukhokha, inkosi yayala ukuba kuthengiswe ngayo, nangomkayo, nangabantabayo, nangakho konke enakho, kukhokhwe.


enye wayinika amatalenta* ayisihlanu, enye aba mabili, enye laba linye, kwaba yileyo naleyo njengamandla ayo; wamuka-ke.


Lowo obamukele amatalenta ayisihlanu wahamba masinyane, wasebenza ngawo, wazuza amanye ayisihlanu.


Weza obamukele amatalenta ayisihlanu, waletha amanye amatalenta ayisihlanu, wathi: ‘Nkosi, wanginika amatalenta ayisihlanu; bheka, ngizuze amanye amatalenta ayisihlanu.’


“Weza nobamukele amatalenta amabili, wathi: ‘Nkosi, wanginika amatalenta amabili; bheka, ngizuze amanye amatalenta amabili.’


“Kepha weza nobamukele italenta lalinye, wathi: ‘Nkosi, bengikwazi ukuthi ungumuntu olukhuni; uvuna lapho ungahlwanyelanga khona, ubutha lapho ungafazanga khona;


Yathi: “Kalokhu makube njengamazwi enu; lowo ezakutholakala kuye makabe yisigqila sami, nina ningabi nacala.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite