Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 17:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Esakhuluma, bheka ifu elikhanyayo labasithibeza; bheka, kwavela izwi efwini, lathi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo; yizweni.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Esakhuluma, kwafika ifu elikhanyayo labemboza, kwezwakala izwi livela efwini, lithi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo, engithokozile ngayo; yilaleleni.”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

5 Esakhuluma, bheka, ifu elikhanyayo labasithibeza; bheka, kwavela izwi efwini, lithi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo; yizweni.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Esakhuluma, bheka, ifu elikhanyayo labasithibeza; bheka, kwavela izwi efwini, lithi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo; yizweni.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 17:5
38 Referans Kwoze  

Bheka, kwavela izwi ezulwini, lithi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo.”


“Bheka, inceku yami engiyikhethileyo, othandiweyo wami othokoza ngaye umphefumulo wami, ngiyakuzisa uMoya wami phezu kwakhe, amemezele ukwahlulela kubo abezizwe.


Kwase kufika ifu, libasithibeza; kwavela izwi efwini, lithi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo; yizweni.”


UJehova uNkulunkulu wakho uyakukuvusela umprofethi phakathi kwakho kubafowenu onjengami; nimlalele yena


UYise uyayithanda iNdodana, wanikela konke esandleni sayo.


Kwavela izwi ezulwini, lithi: “Wena uyiNdodana yami ethandekayo; ngithokozile ngawe.”


Bhekani, uyeza namafu, namehlo onke ayakumbona, nabo abamgwazayo, nezizwe zonke zomhlaba ziyakulila ngaye. Yebo, Amen.


uMoya oNgcwele enesimo somzimba njengejuba wehlela phezu kwakhe; kwavela izwi ezulwini, lithi: “Wena uyiNdodana yami ethandekayo; ngithokozile ngawe.”


“Bheka inceku yami engiyisekelayo, okhethiweyo wami othokoza ngaye umphefumulo wami; nginikele umoya wami phezu kwakhe, uyakukhiphela izizwe ukwahlulela.


esephelelisiwe waba yisisusa sokusindiswa okuphakade kubo bonke abamlalelayo,


Kuyakuthi yilowo nalowo ongayikulalela amazwi ami ayakuwakhuluma egameni lami, mina ngikufune kuye.


“Nguye uMose lowo owathi kubantwana bakwa-Israyeli: ‘UNkulunkulu uyakunivusela umprofethi kubafowenu onjengami.’


NoBaba ongithumileyo ufakazile ngami. Anizange nizwe izwi lakhe, anisibonanga isimo sakhe.


owasikhulula emandleni obumnyama nowasibeka embusweni weNdodana yothando lwakhe;


ukuze kutuswe inkazimulo yomusa wakhe asiphe wona ngesihle ngaye oThandiweyo;


“Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade.


Kwaba kuhle kuJehova ngenxa yokulunga kwakhe ukuba akhulise umthetho, awudumise.


“Lawo mazwi uJehova wawakhuluma kuyo yonke inhlangano yenu entabeni, evela phakathi komlilo, nefu, nesigayegaye, ngezwi elikhulu, akathasiselanga lutho. Wawaloba ezibhebheni ezimbili zamatshe, wanginika zona.


Kwathi izwi lecilongo lalilokhu lizwakala kakhulu kunakuqala; uMose wakhuluma, uNkulunkulu wamphendula ngezwi elikhulu.


Kwathi eseshilo lokho, wakhushulwa bebuka; ifu lamsusa emehlweni abo.


Wakhuleka usosizini, ngakukhulula; ngakuphendula ngisekusithekeni kokuduma, ngakuvivinya ngasemanzini aseMeriba. Sela*


UJehova wayesemphendula uJobe esesikhwishikhwishini, ethi:


Kuthe sebezwa lokho abafundi, bawa ngobuso babo, besaba kakhulu.


Ngase ngibona; bheka, nanto ifu elimhlophe, naphezu kwefu kuhlezi ofana nendodana yomuntu enomqhele wegolide ekhanda lakhe nasesandleni sakhe enesikela elibukhali.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite