Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 16:18 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Nami-ke ngithi kuwe: Wena unguPetru; phezu kwaleli dwala ngiyakulakha ibandla lami; amasango eHayidese* awayikulahlula.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

18 Nami-ke ngithi kuwe: Wena unguPhethro; phezu kwaleli dwala ngiyakulakha ibandla lami; amasango eHayidese awayukulahlula.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

18 Nami ngithi kuwe: Wena unguPetru, phezu kwalelidwala ngiyakulakha ibandla lami; futhi amasango esihogo ngeke alinqobe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Nami ngithi kuwe: Wena unguPetru, phezu kwalelidwala ngiyakulakha ibandla lami; futhi amasango esihogo ngeke alinqobe.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 16:18
42 Referans Kwoze  

Ngalokho ithi iNkosi uJehova: “Bheka, ngibeka eSiyoni itshe lesisekelo, itshe elivivinyekileyo, itshe legumbi elinqabileyo lesisekelo esiyiso; okholwayo kayikubaleka.


yona iyinhloko yomzimba, ngisho ibandla, engukuqala, izibulo kwabafileyo, ukuze yona ibe ngowokuqala ezintweni zonke,


Wamyisa kuJesu; uJesu wambheka wathi: “Wena unguSimoni kaJona; uzakubizwa ngokuthi uKhefase,” okuhunyushwa ngokuthi uPetru.


Ngakho-ke lokhu samukeliswa umbuso ongenakunyakaziswa, masibonge ngesingamkhonza ngakho uNkulunkulu ngokumthokozisa, nangokumhlonipha, nangokuthuthumela,


bemdumisa uNkulunkulu, bethandeka kubantu bonke. INkosi yenezela ebandleni imihla ngemihla abasindiswayo.


kepha uma ngilibala, khona uyakwazi ukuthi kumelwe ukuba abantu bahambe kanjani endlini kaNkulunkulu eyibandla likaNkulunkulu ophilayo, insika nesisekelo seqiniso.


Asikho isikhali esenzelwa wena esiyakuphumelela, nalo lonke ulimi olukuvukelayo luyakwahlulelwa; lokhu kuyifa lezinceku zikaJehova nokulunga kwazo okuvela kimi, usho uJehova.


Le mfihlakalo inkulu, kepha ngikhuluma ngoKristu nebandla.


ukuze imibuso nabanamandla emazulwini baziswe manje ngebandla ukuhlakanipha okuninginingi kukaNkulunkulu,


Ukuhlakanipha kuphakeme kunesiwula; esangweni asivuli umlomo waso.


Amasango okufa uwavulelwe, wabona amasango ethunzi lokufa, na?


Ugange lomuzi lwalunezisekelo eziyishumi nambili, naphezu kwazo amagama ayishumi nambili abaphostoli abayishumi nambili beWundlu.


Kepha uSawulu wayevumelene nabo ngokubulawa kwakhe. Ngalolo suku kwavela ukuzingelwa okukhulu kwebandla laseJerusalema; bahlakazeka bonke emazweni aseJudiya naseSamariya; kwasala abaphostoli bodwa.


Yiba nomusa kimi, Jehova; kubone engihlupheka ngakho ngabangizondayo wena ongiphakamisa emasangweni okufa,


kepha uma umuntu engakwazi ukuphatha owakhe umuzi, angaliphatha kanjani ibandla likaNkulunkulu na? –


bathi ukubona umusa engiwuphiweyo, oJakobe noKhefase noJohane, ababaziswa ngokuthi bayizinsika, banika mina noBarnaba isandla sokunene sokuhlangana ukuba thina siye kwabezizwe, kepha bona baye kwabasokayo,


Uma enqaba ukubezwa, tshela ibandla; uma enqaba ukuzwa nalo ibandla, makabe kuwe njengowezizwe nomthelisi.


Nawe Kapernawume uyakuphakanyiselwa ezulwini na? Uyakwehliselwa eHayidese* ngokuba uma yayenziwe eSodoma imisebenzi yamandla eyenziwe kuwe, ngabe likhona nanamuhla.


Amagama abaphostoli abayishumi nambili yilawa: owokuqala nguSimoni othiwa uPetru, no-Andreya umfowabo, noJakobe kaZebedewu, noJohane umfowabo,


Abahlezi esangweni bakhuluma ngami; izidakwa ziyangihaya.


ngiyakukubusisa nokukubusisa, ngandise nokwandisa inzalo yakho, ibe ngangezinkanyezi zezulu nangangesihlabathi sasogwini lolwandle, inzalo yakho inqobe isango lezitha zayo,


Ingelosi yesikhombisa yayisibetha; kwase kuba khona amazwi amakhulu ezulwini athi: “Umbuso wezwe usungoweNkosi yethu nokaKristu wayo; iyakubusa kuze kube phakade naphakade.”


“Kufa, kuphi ukunqoba kwakho na? Kufa, luphi udosi lwakho na?”


Ngathi: “Ngiphakathi nezinsuku zami ngiyakungena emasangweni endawo yabafileyo, ngaphuciwe inxenye yeminyaka yami.”


nomoya wokwahlulela kohlezi ekwahluleleni, namandla kubo ababuyisa impi esangweni.


Umphefumulo wabo wenyanya konke ukudla; basondela emasangweni okufa.


Yayisithi inkosi kubo: “Okuhle emehlweni enu ngiyakukwenza.” Inkosi yema ngaseceleni kwesango, bonke abantu baphuma ngamakhulu nangezinkulungwane.


Ibusisiwe indoda emgodla wayo ugcwele bona; abayikujabha lapho bekhuluma nezitha zabo esangweni.


Bangihluphile kakhulu, nokho abangahlulanga.


Ngehla ngasemikhawulweni yezintaba; imigoqo yomhlaba yayisemva kwami kuze kube phakade. Kepha wakhuphula ukuphila kwami egodini, Jehova Nkulunkulu wami.


UJesu ehamba ngaselwandle lwaseGalile wabona izelamani ezimbili, uSimoni othiwa uPetru no-Andreya umfowabo, bephonsa inetha elwandle; ngokuba babe ngabadobi.


“Ngalokho yilowo nalowo owezwa lawa mazwi ami, awenze, uyakufaniswa nendoda ehlakaniphileyo eyakha indlu yayo phezu kwedwala.


Ziqapheleni nina nomhlambi wonke anibeke kuwo uMoya oNgcwele ukuba nibe ngababonisi bokwalusa ibandla likaNkulunkulu azizuzele lona ngegazi lakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite