Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 16:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 AbaFarisi nabaSadusi beza bemlinga bacela kuye ukuba ababonise isibonakaliso esivela ezulwini.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 AbaFarisi nabaSadusi beza kuJesu bemlinga, bacela ukuba abakhombise isibonakaliso esivela ezulwini.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

1 Kwafika abaFarisi nabaSadusi, bamlinga bamcela ukuba ababonise isibonakaliso esivela ezulwini.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Kwafika abaFarisi nabaSadusi, bamlinga bamcela ukuba ababonise isibonakaliso esivela ezulwini.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 16:1
33 Referans Kwoze  

Abanye bemlinga bafuna kuye isibonakaliso esivela ezulwini.


Kepha besakhuluma kubantu, abapristi nenduna yethempeli nabaSadusi babafikela,


UJesu wayesethi kubo: “Anobheka nixwaye imvubelo yabaFarisi nabaSadusi.”


Ngokuba abaJuda babiza izibonakaliso, namaGreki afuna ukuhlakanipha,


Bakusho lokho bemlinga, ukuze babe nokummangalela. Kepha uJesu wakhothama, waloba ngomunwe emhlabathini.


Kwase kusuka umpristi omkhulu nabo bonke ababe naye abangabehlelo labaSadusi, bagcwala umhawu,


Kwase kufika kuye abathile babaSadusi abathi akukho ukuvuka kwabafileyo;


Kepha eqonda ubuqili babo wathi kubo:


Bheka, kwase kusukuma isazimthetho esithile, samlinga sathi: “Mfundisi, ngizakwenzani ukuba ngidle ifa lokuphila okuphakade na?”


Khona kwafika kuye abaSadusi abathi akukho ukuvuka kwabafileyo, bambuza bathi:


Kepha yena ekwazi ukuzenzisa kwabo wathi kubo: “Ningilingelani na? Lethani kimi udenariyu,* ngimbone.”


Kwase kusondela kuye abaFarisi, bambuza ukuthi kuvunyelwe yini ukuba indoda ilahle umkayo, bemlinga.


Kepha ngangomuso okungolulandela usuku lokulungisela abapristi abakhulu nabaFarisi babuthana kuPilatu,


wathi: “Ababhali nabaFarisi bahlezi esihlalweni sikaMose.


Ngalolo suku kwafika kuye abaSadusi abathi akukho ukuvuka kwabafileyo, bambuza


Kepha uJesu ebazi ububi babo wathi: “Bazenzisi, ningilingelani na?


Khona abaFarisi basuka, bacebisana ukuba bamhile ngezwi.


Kwase kusondela kuye abaFarisi, bamlinga bathi: “Kuvunyelwe yini ukuba indoda ilahle umkayo noma ngaliphi icala na?”


Khona abaFarisi nababhali bafika kuJesu bevela eJerusalema, bathi:


Base bephuma abaFarisi, benza isigungu ngaye ukuba bambhubhise.


AbaFarisi bekubona lokho bathi kubafundi bakhe: “Yini ukuba umfundisi wenu adle nabathelisi nezoni na?”


Ngokuba ngithi kini: Uma ukulunga kwenu kungadluli okwababhali nokwabaFarisi, anisoze nangena embusweni wezulu.


Phendula isiwula njengobuwula baso, funa sibe ngohlakaniphileyo emehlweni aso.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite