Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 15:36 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

36 wazithabatha izinkwa eziyisikhombisa nezinhlanzi, wabonga, wazihlephula, wanika abafundi, abafundi baphakela izixuku.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

36 wathatha izinkwa eziyisikhombisa nezinhlanzi, wabonga, wazihlephula, wanika abafundi bakhe, bona baphakela izixuku.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

36 Wazithabatha izinkwa eziyisikhombisa nezinhlanzi, wabonga, wazihlephula, wanika abafundi bakhe, abafundi baphakela izixuku.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

36 Wazithabatha izinkwa eziyisikhombisa nezinhlanzi, wabonga, wazihlephula, wanika abafundi bakhe, abafundi baphakela izixuku.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 15:36
14 Referans Kwoze  

Ohlonipha usuku uluhloniphela iNkosi; nodlayo udlela iNkosi, ngokuba ubonga uNkulunkulu; nongadliyo, akadli ngenxa yeNkosi, ubonga uNkulunkulu.


Wayesethabatha isinkwa, wabonga, wasihlephula, wabanika, wathi: “Lokhu kungumzimba wami onikelwa nina; yenzani lokhu ukuba ningikhumbule.”


Eseshilo lokho wathatha isinkwa, wabonga uNkulunkulu phambi kwabo bonke, wasihlephula, waqala ukudla.


UJesu wazithabatha izinkwa, wabonga, wayesezabela ababehlezi phansi, kanjalo futhi nezinhlanzana, njengokuthanda kwabo.


Ngakho-ke noma nidla, noma niphuza, noma nenzani, konke kwenzeleni udumo lukaNkulunkulu.


ekungeneni kwenu emzini niyakumfumana, engakenyukeli endaweni ephakemeyo ukuyokudla; ngokuba abantu abayikudla engakafiki, lokhu nguye obusisa umhlatshelo, andukuba abamenyiweyo badle. Ngalokho-ke, khuphukani manje, ngokuba niyakumfumana ngalesi sikhathi.”


kodwa eminye imikhunjana evela eTiberiya yafika eduze nendawo lapho badla khona isinkwa, iNkosi ibongile;


Kwathi esehlezi nabo ekudleni, wathabatha isinkwa, wabonga, wasihlephula, wabanika.


Wamukela isitsha, wabonga wathi: “Thabathani lokhu, nabelane;


Wayeseyala izixuku ukuba zihlale phansi etshanini, wazithabatha izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka ngasezulwini, wazibusisa, wazihlephula, wabanika abafundi izinkwa, abafundi baphakela izixuku.


Wayala isixuku ukuba sihlale phansi;


Uma kungenjalo, nxa ubonga ngomoya, lowo osesikhundleni sabangafundile angasho kanjani ukuthi Amen ekubongeni kwakho na, lokhu engakwazi okushoyo?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite