Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 15:22 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Bheka, kwavela emikhawulweni yakhona owesifazane waseKhanani, wakhala wathi: “Ngihawukele, Nkosi, Ndodana kaDavide! Indodakazi yami ikhwelwe kabi yidemoni.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

22 Kwase kufika owesifazane waseKhanani evela emingceleni yakhona, wakhala wathi: “Ngihawukele, Nkosi, Ndodana kaDavide! Indodakazi yami ihlaselwe kabi yidimoni.”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

22 Bheka, kwavela kuleyo mikhawulo owesifazane waseKhanani, wakhala kuye, wathi: “Ngihawukele, Nkosi, Ndodana kaDavide; Indodakazi yami ikhwelwe kabi yidemoni.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Bheka, kwavela kuleyo mikhawulo owesifazane waseKhanani, wakhala kuye, wathi: “Ngihawukele, Nkosi, Ndodana kaDavide; Indodakazi yami ikhwelwe kabi yidemoni.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 15:22
19 Referans Kwoze  

Esadlula lapho uJesu, izimpumputhe ezimbili zamlandela, zamemeza zathi: “Sihawukele, ndodana kaDavide!”


wathi: “Nkosi, hawukela indodana yami, ngokuba inesithuthwane, ihlupheka kabi, lokhu iwela kaningi emlilweni, kaningi emanzini.


Ngiphendule ekukhaleni kwami, Nkulunkulu wokulunga kwami. Ekucindezelweni wangenzela indawo; yiba nomusa kimi, uzwe umkhuleko wami.


“Kepha umthelisi emi kude wayengafuni nakuphakamisela amehlo akhe ngasezulwini, kodwa washaya isifuba sakhe, ethi: ‘Nkulunkulu, ngihawukele mina soni.’


aphakamisa izwi, athi: “Jesu Nkosi, sihawukele!”


Udumo lwakhe lwezwakala ezweni lonke laseSiriya; baletha kuye bonke abagulayo abaphethwe yizifo ngezifo nobuhlungu, nabakhwelwe ngamademoni, nabanesithuthwane, nabafe uhlangothi, wabaphulukisa.


Incwadi yokuzalwa kukaJesu Kristu, indodana kaDavide, indodana ka-Abrahama.


kungekubantu abaningi abankulumo yabo ilukhuni nolimi lwabo lungaqondakali, ongawezwa amazwi abo. Impela uma bengikuthume kubo, bona babeyakukuzwa.


Indodakazi yaseTire, yebo, nabacebileyo babantu bancenga umusa wakho ngesipho.


Yiba nomusa kimi, Jehova, ngokuba ngidangele; ngiphilise, Jehova, ngokuba amathambo ami ayathuthumela,


Kepha akamphendulanga ngazwi. Base besondela kuye abafundi bakhe, bamncenga, bathi: “Mmukise ngokuba uyakhala emva kwethu.”


ababezile ukumuzwa nokuphulukiswa ezifweni zabo; nababekhathazwa ngawomoya abangcolileyo baphulukiswa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite