Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 15:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Akusikho okungena emlonyeni okungcolisa umuntu; kepha okuphuma emlonyeni lokhu kungcolisa umuntu.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 Akusikho okungena emlonyeni okumngcolisayo umuntu, kodwa yilokho okuphuma emlonyeni okumngcolisayo umuntu.”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

11 Akusikhona okungena emlonyeni okungcolisa umuntu; kodwa okuphuma emlonyeni, yikho okumngcolisayo umuntu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Akusikhona okungena emlonyeni okungcolisa umuntu; kodwa okuphuma emlonyeni, yikho okumngcolisayo umuntu.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 15:11
26 Referans Kwoze  

Alukho utho olungaphandle komuntu lungene kuye olungamngcolisa; kepha okuphumayo kuye yilokho okumngcolisayo umuntu.


Ngokuba umbuso kaNkulunkulu awusikho ukudla nokuphuza kepha ungukulunga, nokuthula, nokuthokoza eMoyeni oNgcwele,


Bakhuluma amanga, kwaba yilowo nalowo kumakhelwane wakhe; ngezindebe ezithophayo bakhuluma nganhliziyombili.


Umlomo wakhe ugcwele isiqalekiso nenkohliso nobudlova; ngaphansi kolimi lwakhe kukhona ukwelelesa nokonakala.


Ungawuchithi umsebenzi kaNkulunkulu ngenxa yokudla. Konke kuhlanzekile, kepha kubi kulowo muntu okudla ekhubeka.


Ningadukiswa yizifundiso eziyizinhlobonhlobo nezingaziwayo; ngokuba kuhle ukuba inhliziyo iqiniswe ngomusa, kungabi ngokudla, abangasizakalanga ngakho abahamba ngakho.


Ngiyazi, nganelisiwe eNkosini uJesu, ukuthi akukho lutho oluyichilo ngokwalo; kepha kuye othi lubi, kuyena lubi.


Weyise bani, wethuka bani, na? Uphakamisele bani izwi lakho, wabhekisa phezulu amehlo akho, na? NgoNgcwele ka-Israyeli!


Ngokuba bekhuluma udwadwa, amazwi ayize, babayenga ngezinkanuko zenyama nangamanyala labo abasaphephayo abahamba ngokuduka;


Kwabahlanzekileyo konke kuhlanzekile; kepha kwabangcolileyo nabangakholwayo akukho lutho oluhlanzekileyo, kodwa kungcole ingqondo yabo nonembeza wabo.


Wayesebabiza abantu, wathi kubo: “Yizwani, niqonde.


Khona kwasondela abafundi bakhe, bathi kuye: “Uyazi ukuthi abaFarisi bathe bezwa lelo zwi, bakhubeka na?”


benqabela ukuganana, bethi akuzilwe ukudla akudalayo uNkulunkulu ukuba kwamukelwe ngokubonga yibo abakholwayo nabalaziyo iqiniso.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite