Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 15:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Khona abaFarisi nababhali bafika kuJesu bevela eJerusalema, bathi:

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 AbaFarisi nezazimthetho beza kuJesu bevela eJerusalema, bathi:

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

1 Kwasekufika kuJesu ababhali nabaFarisi ababevela eJerusalema, bathi:

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Kwasekufika kuJesu ababhali nabaFarisi ababevela eJerusalema, bathi:

Gade chapit la Kopi




Mathewu 15:1
11 Referans Kwoze  

Kwase kuvela umsindo omkhulu, kwasukuma abathile kubabhali benxenye yabaFarisi, balwa kakhulu, bathi: “Asifumani lutho olubi kulo muntu; uma, pho, kukhulume kuye umoya noma ingelosi na?”


AbaFarisi nababhali bakhonona kubafundi bakhe, bathi: “Yini ukuba nidle niphuze nabathelisi nezoni na?”


Ababhali nabaFarisi baqala ukuzindla ngokuthi: “Ngubani lo okhuluma ngokuhlambalaza? Ngubani ongathethelela izono ngaphandle kukaNkulunkulu yedwa na?”


Kwathi ngolunye lwalezo zinsuku yena esafundisa, kwakuhlezi khona abaFarisi nabafundisi bomthetho ababephuma emizini yonke yaseGalile neJudiya neJerusalema. Namandla eNkosi ayekuye ukuba aphulukise.


Nababhali abehla bevela eJerusalema bathi: “UnoBelzebule, ukhipha amademoni ngombusi wamademoni.”


wathi: “Ababhali nabaFarisi bahlezi esihlalweni sikaMose.


Ngokuba ngithi kini: Uma ukulunga kwenu kungadluli okwababhali nokwabaFarisi, anisoze nangena embusweni wezulu.


Lokhu kungubufakazi bukaJohane mhla abaJuda bethuma abapristi namaLevi bephuma eJerusalema ukuba bambuze ukuthi: “Wena ungubani na?”


Esefikile yena, abaJuda ababehlile eJerusalema bema bemhaqile, bembeka amacala amaningi anzima, abangenakuwaqinisa,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite