Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 14:19 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Wayeseyala izixuku ukuba zihlale phansi etshanini, wazithabatha izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka ngasezulwini, wazibusisa, wazihlephula, wabanika abafundi izinkwa, abafundi baphakela izixuku.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

19 Wayeseyala izixuku ukuba zihlale phansi otshanini, wathatha izinkwa ezinhlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka ngasezulwini, wakubusisa, wakuhlephula, wakunika abafundi, baphakela izixuku.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

19 Wayala isixuku ukuba sihlale phansi etshanini, wazithabatha izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka ngasezulwini, wazibusisa, wazihlephula, wazinika abafundi izinkwa, abafundi baphakela izixuku.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Wayala isixuku ukuba sihlale phansi etshanini, wazithabatha izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka ngasezulwini, wazibusisa, wazihlephula, wazinika abafundi izinkwa, abafundi baphakela izixuku.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 14:19
24 Referans Kwoze  

Kwathi esehlezi nabo ekudleni, wathabatha isinkwa, wabonga, wasihlephula, wabanika.


ekungeneni kwenu emzini niyakumfumana, engakenyukeli endaweni ephakemeyo ukuyokudla; ngokuba abantu abayikudla engakafiki, lokhu nguye obusisa umhlatshelo, andukuba abamenyiweyo badle. Ngalokho-ke, khuphukani manje, ngokuba niyakumfumana ngalesi sikhathi.”


Eseshilo lokho wathatha isinkwa, wabonga uNkulunkulu phambi kwabo bonke, wasihlephula, waqala ukudla.


Wazithabatha izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka ngasezulwini, wazibusisa, wazihlephula izinkwa, wazinika abafundi ukuba bazibeke phambi kwabo; nezinhlanzi ezimbili wababela bonke ngazo.


wabonga, wasihlephula, wathi: “Lokhu kungumzimba wami ohleshulelwe nina; lokhu kwenzeni ukuba ningikhumbule.”


Ohlonipha usuku uluhloniphela iNkosi; nodlayo udlela iNkosi, ngokuba ubonga uNkulunkulu; nongadliyo, akadli ngenxa yeNkosi, ubonga uNkulunkulu.


Konke enikwenzayo, noma kungezwi noma kungomsebenzi, kwenzeni konke egameni leNkosi uJesu, nimbonge uNkulunkulu uYise ngaye.


Isitsha sesibusiso esisibusisayo asiyiyo inhlanganyelo yegazi likaKristu na? Isinkwa esisihlephulayo asiyiyo inhlanganyelo yomzimba kaKristu na?


Ngokuba kwakukhona amadoda okungathi izinkulungwane eziyisihlanu. Wathi kubafundi bakhe: “Bahlaliseni ngezigaba ngamashumi ayisihlanu.”


wabheka ngasezulwini, wabubula, wathi kuso: “Efatha!” okungukuthi: “Vuleka!”


Ngakho-ke noma nidla, noma niphuza, noma nenzani, konke kwenzeleni udumo lukaNkulunkulu.


kodwa eminye imikhunjana evela eTiberiya yafika eduze nendawo lapho badla khona isinkwa, iNkosi ibongile;


Wabayala ukuba bonke bahlale phansi etshanini obuluhlaza izigaba ngezigaba.


Balisusa-ke itshe. Kepha uJesu waphakamisa amehlo, wathi: “Baba, ngiyakubonga ngokuba ungizwile.


Wayesethabatha isinkwa, wabonga, wasihlephula, wabanika, wathi: “Lokhu kungumzimba wami onikelwa nina; yenzani lokhu ukuba ningikhumbule.”


Wazithabatha izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka ngasezulwini, wazibusisa, wazihlephula, wanika abafundi ukuba babele isixuku.


Wayesethi: “Ziletheni lapha kimi.”


Wamukela isitsha, wabonga wathi: “Thabathani lokhu, nabelane;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite