Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 13:55 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

55 Lo akasiyo indodana yombazi na? Unina kathiwa uMariya, nabafowabo asithi oJakobe, noJosefa, noSimoni, noJuda na?

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

55 Lo akasiyo yini indodana yombazi? Unina akusiye yini uMariya, nabafowabo akusibo yini oJakobe, uJosefa, uSimoni noJuda na?

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

55 Lo akasiyo yini indodana yombazi na? Unina akabizwa ngokuthi uMariya na? nabafowabo oJakobe, noJose, noSimoni, noJuda?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

55 Lo akasiyo yini indodana yombazi na? Unina akabizwa ngokuthi uMariya na? nabafowabo oJakobe, noJose, noSimoni, noJuda?

Gade chapit la Kopi




Mathewu 13:55
23 Referans Kwoze  

Bathi-ke: “Lona akusiye uJesu indodana kaJosefa, uyise nonina sibazi na? Usesho kanjani, pho, ukuthi: ‘Ngehle ezulwini,’ na?”


Lo akusiye umbazi, indodana kaMariya, nomfowabo kaJakobe, noJose, noJuda, noSimoni, na? Nawodadewabo abakho yini lapha kithi na?” Base bekhubeka ngaye.


Yena uJesu, ukuqala kwakhe, wayeneminyaka engaba ngamashumi amathathu, eyindodana, njengokushiwoyo, kaJosefa ka-Eli


Bonke bamfakazela bemangala ngamazwi omusa aphuma emlonyeni wakhe, bathi: “Lo akasiyo indodana kaJosefa na?”


Kepha kwakumi ngasesiphambanweni sikaJesu unina kanye nodadewabo kanina, uMariya umkaKleyophase, noMariya Magdalena.


OMariya Magdalena noMariya unina kaJose babona lapho abekwa khona.


Kepha angibonanga omunye wabaphostoli, kuphela uJakobe umnawe weNkosi.


KwakungoMariya Magdalena, noJowana, noMariya unina kaJakobe; nabanye ababe kanye nabo babatshela abaphostoli lokho.


Usho kanje uJehova, uMhlengi ka-Israyeli noNgcwele wakhe, kodelelwa nokudelelwa noyisinengiso esizweni, koyinceku yababusi, uthi: “Amakhosi ayakubona, asukume, izikhulu zibone, zikhothame ngenxa kaJehova othembekile, oNgcwele ka-Israyeli okukhethileyo.”


entombini eyayimiselwe indoda ebizo layo nguJosefa wendlu kaDavide; ibizo lentombi nguMariya.


Kwakukhona nabesifazane bebukela, bekude; phakathi kwabo kwakukhona noMariya Magdalena, noMariya unina kaJakobe omncane nokaJose, kanye noSalome


phakathi kwabo kwakukhona oMariya Magdalena, unina kaJakobe nokaJose, nonina wamadodana kaZebedewu.


Kepha mina ngiyimphethu, angisiye umuntu; ngiyisithuko sabantu, ngiyindelelo yabantu.


Siyazi ukuthi uNkulunkulu wakhuluma kuMose, kodwa lo asimazi lapha evela khona.”


UJuda inceku kaJesu Kristu, umfowabo kaJakobe, kubo ababiziweyo abathandwa kuNkulunkulu uYise nabagcinelwe uJesu Kristu:


Wabikelwa ukuthi: “Unyoko nabafowenu bemi ngaphandle befuna ukukubona.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite