Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 13:44 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

44 “Umbuso wezulu ufana nengcebo efihlwe ensimini, yafunyanwa ngumuntu, wayithukusa; ngokuthokoza kwakhe uyahamba, athengise ngakho konke anakho, athenge leyo nsimu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

44 “Umbuso wezulu ufana nengcebo efihlwe ensimini, umuntu wayifumana, wayithukusa; wahamba ethokozile, wathengisa ngakho konke anakho, wayithenga leyo nsimu.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

44 Futhi umbuso wezulu ufana nengcebo efihlwe ensimini; okuthi lapho umuntu eseyitholile, wayifihla, futhi ngenxa yokujabula kwayo wahamba wathengisa ngakho konke anakho, wayithenga leyo nsimu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

44 Futhi umbuso wezulu ufana nengcebo efihlwe ensimini; okuthi lapho umuntu eseyitholile, wayifihla, futhi ngenxa yokujabula kwayo wahamba wathengisa ngakho konke anakho, wayithenga leyo nsimu.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 13:44
29 Referans Kwoze  

okufihlwe kuye amagugu onke okuhlakanipha nowokwazi.


Kunjalo-ke yilowo nalowo kini ongavalelisi nakho konke anakho angebe ngumfundi wami.


Ngokuba lapho kukhona ingcebo yakho, nenhliziyo yakho iyakuba khona lapho.


Nalowo oshiye izindlu, noma abafowabo, noma odadewabo, noma uyise, noma unina, noma abantwana, noma amazwe ngenxa yegama lami, uyakwamukeliswa okuphindwe kaningi, adle ifa lokuphila okuphakade.


Kungcono kangakanani ukuzuza ukuhlakanipha kunegolide; yebo, ukuzuza ukuqonda nga kukhethwa kunesiliva.


Thenga iqiniso, ungathengisi ngalo, nokuhlakanipha, nokulaywa, nokuqonda.


ngiyakululeka ukuba uthenge kimi igolide elihlanzwe ngomlilo ukuze ucebe, nezingubo ezimhlophe ukuze wembathe, kungabonakali ihlazo lobuze bakho nomuthi wamehlo wokugcoba amehlo akho ukuba ubone.


Khona uPetru wathatha wathi kuye: “Bheka, thina sishiye konke, sakulandela. Pho, siyakutholani na?”


UJesu wathi kuye: “Uma uthanda ukuphelela, hamba uthengise ngempahla yakho, uphe abampofu, khona uzakuba negugu ezulwini; uze ungilandele.”


“We nina nonke enomileyo, wozani emanzini; nani eningenamali wozani nithenge, nidle; wozani nithenge ngaphandle kwemali, yebo, iwayini nobisi, kungabizwa lutho.


Ngokuba konke okwalotshwa ngaphambili kwalotshelwa ukufundiswa kwethu, ukuze ngokubekezela nangenduduzo yemibhalo sibe nethemba.


Omunye umfanekiso wawubeka kubo, wathi: “Umbuso wezulu ufaniswa nomuntu owahlwanyela imbewu enhle ensimini yakhe;


Ngokuba nazwelana nababoshiweyo, navuma ngokuthokoza ukuphangwa kwempahla yenu, nazi ukuthi nina ninempahla enhle kunaleyo, nemiyo njalo.


UJesu wathi kubo: “Mina ngiyisinkwa sokuphila; ozayo kimi kasoze alamba, nokholwa yimi kasoze oma.


Yini ukuba kube yimali esandleni sesiwula ukuthenga ukuhlakanipha, kungekho ukuqonda, na?


Izwi likaKristu alihlale phakathi kwenu, livame, nifundisane ngokuhlakanipha konke, niyalane ngamahubo, nangezihlabelelo, nangamaculo okomoya, nimhubele uNkulunkulu ezinhliziyweni zenu ngokubonga.


Ozahlukanisayo ufuna esakhe isifiso, uphika konke ukuhlakanipha.


Umuntu kalazi inani lakho; akutholakali ezweni labaphilayo.


eselifumene iparele linye elinenani elikhulu, waya wathengisa ngakho konke anakho, walithenga.


“Futhi umbuso wezulu ufana nenetha elaphonswa elwandle, lihlanganisa zonke izinhlobo;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite