Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 13:42 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

42 zibaphonse eziko lomlilo; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

42 zibaphonse esithandweni somlilo; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

42 zibaphose esithandweni somlilo; lapho kuyakuba khona ukulila nokugedla amazinyo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

42 zibaphose esithandweni somlilo; lapho kuyakuba khona ukulila nokugedla amazinyo.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 13:42
19 Referans Kwoze  

zibaphonse eziko lomlilo; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.


noSathane owazidukisayo waphonswa echibini lomlilo nesibabule, lapho kukhona isilo nomprofethi wamanga; ziyakuhlushwa imini nobusuku kuze kube phakade naphakade.


kodwa abantwana bombuso bayakukhishelwa ebumnyameni obungaphandle; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.”


Isilo sase sibanjwa nomprofethi wamanga okanye naso owenza izibonakaliso phambi kwaso, abadukisa ngazo abamukela uphawu lwesilo nabakhuleka kumfanekiso waso; labo bobabili baphonswa besezwa echibini lomlilo elivutha isibabule.


naye uyakuliphuza iwayini lolaka lukaNkulunkulu elilungisiwe esitsheni solaka lwakhe, lingaxutshiwe, ahlushwe ngomlilo nesibabule phambi kwezingelosi ezingcwele naphambi kweWundlu.


“Khona iyakuthi kwabangakwesokhohlo: ‘Dedani kimi nina baqalekisiweyo, niye emlilweni ophakade olungiselwe uSathane nezingelosi zakhe.


“Khona inkosi yathi ezincekwini: ‘Mbopheni izinyawo nezandla, nimphonse ebumnyameni obungaphandle; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.’


Ongawi phansi, akhuleke, uyakuphonswa ngasona leso sikhathi phakathi kwesithando somlilo ovuthayo.”


Kepha amagwala, nabangakholwayo, nabanengekayo, nababulali, nezifebe, nabathakathi, nabakhonza izithombe, nabo bonke abaqamba amanga, isabelo sabo siyakuba sechibini elivutha umlilo nesibabule, okungukufa kwesibili.”


“Lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo, nxa senibona o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe, nabaprofethi bonke embusweni kaNkulunkulu, kepha nina nikhishelwe ngaphandle.


ombenge yakhe yokwela isesandleni sakhe; uzakushanelisisa isibuya sakhe, abuthele amabele enqolobaneni yakhe; kepha amakhoba uzakuwashisa ngomlilo ongacimekiyo.”


Uyakubenza babe njengesithando somlilo, nxa ubonakalisa ubuso bakho; uJehova uyakubagwinya ngentukuthelo yakhe, umlilo uyakubaqeda.


Yayisivula umgodi wakwalasha; kwenyuka umusi emgodini njengomusi weziko elikhulu, kwafiphazwa ilanga nomkhathi ngomusi womgodi.


Kodwa umuntu owathintayo wohlonyiswa ngensimbi nangothi lomkhonto, aze ashiswe nokushiswa ngomlilo kuleyo ndawo.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite