Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 13:39 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

39 kepha isitha esaluhlwanyelayo nguSathane; ukuvuna kungukuphela kwezwe; nabavuni yizingelosi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

39 Kepha isitha esaluhlwanyelayo nguSathane, ukuvuna kungukuphela kwesikhathi, abavuni yizingelosi.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

39 Isitha esawuhlwanyelayo nguSathane; ukuvuna kungukuphela kwezwe; nabavuni yizingelosi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

39 Isitha esawuhlwanyelayo nguSathane; ukuvuna kungukuphela kwezwe; nabavuni yizingelosi.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 13:39
29 Referans Kwoze  

Kuyakuba njalo ekupheleni kwezwe; kuyakuphuma izingelosi, zahlukanise ababi nabalungileyo,


“Kepha nxa iNdodana yomuntu iza ngenkazimulo yayo nezingelosi zonke ezingcwele kanye nayo, khona izakuhlala esihlalweni sayo senkazimulo;


Fakani isikela, ngokuba okuzakuvunwa sekuvuthiwe; ngokuba isikhamo sewayini sigcwele, nezikhongozelo ziyachichima, ngokuba ububi babo bukhulu.”


Isilo sase sibanjwa nomprofethi wamanga okanye naso owenza izibonakaliso phambi kwaso, abadukisa ngazo abamukela uphawu lwesilo nabakhuleka kumfanekiso waso; labo bobabili baphonswa besezwa echibini lomlilo elivutha isibabule.


Futhi sibadukisa abakhileyo emhlabeni ngezibonakaliso esazinikwayo ukuba sizenze phambi kwesilo, sithi kwabakhileyo emhlabeni mabasenzele umfanekiso isilo, ebesinenxeba lenkemba kepha sasinda.


Wayesephonswa phansi udrako omkhulu, inyoka endala ethiwa uMhlebi noSathane, odukisa izwe lonke, waphonswa phansi emhlabeni, nezingelosi zakhe zaphonswa kanye naye.


Esahlezi eNtabeni Yeminqumo, abafundi beza kuye bebodwa, bathi: “Sitshele ukuthi lokhu kuyakuba nini, nesibonakaliso sokuza kwakho nesokuphela kwezwe siyakuba yini na?”


kepha abantu besalele, kwafika isitha sakhe, sahlwanyela ukhula phakathi kwamabele, samuka.


U-Enoke ongowesikhombisa kusukela ku-Adamu waprofetha ngabo, wathi: “Bheka, iNkosi iyakufika nabangcwele bayo abayizigidigidi,


Qondani, nilinde. Isitha senu, uSathane, siyahamba njengebhubesi elibhodlayo sifuna esingamgwinya;


uma kwakunjalo wayemelwe ukuhlupheka kaningi selokhu kwasekelwa izwe; kodwa kalokhu ubonakalisiwe kanye ekupheleni kwezikhathi ukuba asuse izono ngokuzinikela kwakhe.


enanikade nihamba kuzo ngokwendlela yaleli zwe, ngokombusi wamandla omkhathi, ongumoya osasebenza kubantwana bokungalaleli,


Kepha nginovalo lokuthi njengalokho inyoka yamkhohlisa u-Eva ngobuqili bayo, kanjalo izingqondo zenu mhlawumbe zingadukiswa, ziyeke ubuqotho nobumhlophe ngakuKristu.


Ngokuba asinjengabaningi abonakalisa izwi likaNkulunkulu ngenxa yenzuzo, kodwa njengabaqotho, njengabavela kuNkulunkulu sikhuluma phambi kukaNkulunkulu sikuKristu.


nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho; bhekani, mina nginani izinsuku zonke kuze kube sekupheleni kwezwe.”


“Wathi kuzo: ‘Lokhu kwenziwe ngumuntu oyisitha.’ “Izisebenzi zathi kuye: ‘Uthanda ukuba siye ukulubutha na?’


Umnonjana womlilo wavela, waphuma phambi kwakhe; izinkulungwane zenkulungwane zazimkhonza, nezinkulungwane eziyishumi zezinkulungwane eziyishumi zazimi ngaphambi kwakhe; kwahlala abahluleli, izincwadi zavulwa.


Yilowo nalowo okhuluma izwi elimelene neNdodana yomuntu uyakuthethelelwa; kepha lowo okhuluma elimelene noMoya oNgcwele akayikuthethelelwa nakuleli zwe nakwelizayo.


Futhi-ke ohlwanyelwe emeveni nguye olizwa izwi, kepha iminako yalesi sikhathi nokukhohlisa kwengcebo kuminyanisa izwi, abe ngongatheliyo.


Ngakho-ke njengokuba ukhula luyabuthwa, lushiswe emlilweni, kuyakuba njalo ekupheleni kwezwe.


Kepha lezo zinto zabehlela bona kube yisibonelo; kulotshelwe ukusiyala thina, osekufikile kithi ukugcina kwezikhathi.


ekugcineni kwale mihla ukhulume kithina ngeNdodana ayimise ibe yindlalifa yakho konke, owadala ngayo futhi izwe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite