Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 13:19 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Yilowo nalowo olizwa izwi lombuso engaliqondi ufikelwa ngomubi ohlwitha okuhlwanyelwe enhliziyweni yakhe. Yilowo ohlwanyelwe ngasendleleni.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

19 Yilowo nalowo ozwa izwi lombuso, angaliqondi, kufika omubi ahlwithe okuhlwanyelwe enhliziyweni yakhe. Leyo ngehlwanyelwe ngasendleleni.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

19 Nxa yilowo nalowo olizwa izwi lombuso, engaliqondi, omubi uyeza, ahlwithe okuhlwanyelwe enhliziyweni yakhe. Nguye owahlanyelwa ngasendleleni.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Nxa yilowo nalowo olizwa izwi lombuso, engaliqondi, omubi uyeza, ahlwithe okuhlwanyelwe enhliziyweni yakhe. Nguye owahlanyelwa ngasendleleni.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 13:19
36 Referans Kwoze  

insimu yizwe; imbewu enhle yibo abangabantwana bombuso; kodwa ukhula ngabantwana bomubi;


Ngalokho kakhulu nga siqaphelisisa esikuzwileyo, funa mhlawumbe sikhukhulwe.


Siyazi ukuthi yilowo nalowo ozelwe nguNkulunkulu akoni, ngokuba ozelwe nguNkulunkulu uyazigcina, nomubi akamthinti.


UJesu walihamba lonke elaseGalile efundisa emasinagogeni* abo, eshumayela ivangeli lombuso, ephulukisa abantu ezifweni zonke nasebuthakathakeni bonke.


kungabi njengoKayini owaba ngowomubi, wabulala umfowabo; wambulalelani na? Ngokuba imisebenzi yakhe yayimibi, kepha eyomfowabo yayilungile.


Nanjengalokho bengakunakanga ukumazi uNkulunkulu, uNkulunkulu wabanikela engqondweni yokunganaki ukwenza okungafanele,


ukuba bonke abangakholwanga yiqiniso benamela ukungalungi balahlwe.


Ngokuba umbuso kaNkulunkulu awusikho ukudla nokuphuza kepha ungukulunga, nokuthula, nokuthokoza eMoyeni oNgcwele,


kepha labo abanombango bengalaleli iqiniso, belalela ukungalungi, bothola ulaka nentukuthelo.


Khona sebemmisele usuku beza kuye endlini yakhe bebaningi, wabachasisela efakaza ngombuso kaNkulunkulu, wabaqondisa ngoJesu ethathela emthethweni kaMose nakubaprofethi, kusukela ekuseni kwaze kwahlwa.


“Kalokhu bhekani, ngiyazi ukuthi anisayikubona ubuso bami nina nonke engahamba phakathi kwenu, ngishumayela umbuso.


kodwa uma kungukuphikisana ngamazwi, nangamagama, nangomthetho wakini, ziboneleni nina; mina angithandi ukuba ngumahluleli walezo zinto.”


Kwathi bezwa ngokuvuka kwabafileyo, abanye bahleka usulu, kepha abanye bathi: “Siyakuphinda sikuzwe ngaleyo ndaba.”


Wathi uPilatu kuye: “Iqiniso liyini na?” Eseshilo lokho wabuye waphumela kubaJuda, wathi kubo: “Angifumani cala kuye.


Yini ukuba ningayizwisisi inkulumo yami na? Kungokuba aninakuzwa izwi lami.


niphulukise abagulayo abakuwo, nithi kubo: ‘Umbuso kaNkulunkulu usondele kini.’


Wabathuma ukushumayela umbuso kaNkulunkulu nokuphulukisa.


Abangasendleleni yilabo abathi lapho kuhlwanyelwa khona izwi, nanxa sebelizwile, kufike masinyane uSathane, alisuse izwi elihlwanyelwe kubo.


Kepha izwi lenu malibe ngokuthi: Yebo, yebo; qhabo, qhabo. Okudlula lokhu kuvela kokubi.


Yini ukuba kube yimali esandleni sesiwula ukuthenga ukuhlakanipha, kungekho ukuqonda, na?


Ukumesaba uJehova kungukuqala kokuhlakanipha; iziwula ziyadelela ukuhlakanipha nokulaywa.


Kepha sazi ukuthi iNdodana kaNkulunkulu isifikile, yasinika ingqondo ukuze simazi oweqiniso; sikuye oweqiniso, kuyo iNdodana yakhe uJesu Kristu. Yena unguNkulunkulu oqinisileyo nokuphila okuphakade.


Mina engimncinyane kunabo bonke abangcwele ngaphiwa lowo musa wokushumayeza abezizwe ivangeli lengcebo kaKristu engaphenyekiyo


“ ‘Pho, ufana nobani ngodumo nangobukhulu phakathi kwemithi yase-Edene na? Nokho uyakwehliselwa kokuphansi komhlaba kanye nemithi yase-Edene, ulale phakathi kwabangasokile nabagwazwe ngenkemba. Lo unguFaro nesixuku sakhe sonke, isho iNkosi uJehova.’ ”


Uma uSathane emkhipha uSathane, wahlukene yedwa. Pho, umbuso wakhe uyakuma kanjani na?


Ohlwanyelwe edwaleni nguye olizwa izwi, alamukele masinyane ngokuthokoza;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite