Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 12:25 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 Kepha uJesu ezazi izizindlo zabo wathi kubo: “Yilowo nalowo mbuso owahlukene wodwa uyachitheka, nalowo muzi nokuba indlu eyahlukene yodwa ingeme.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

25 UJesu ekwazi abakucabangayo, wathi kubo: “Yilowo nalowo mbuso owehlukene wodwa uyachitheka, nalowo nalowo muzi noma yindlu eyehlukene yodwa ayiyukuma.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

25 UJesu eyazi imicabango yabo wathi kubo: “Yilowo nalowombuso owehlukene phakathi uyachitheka; futhi wonke umuzi noma indlu eyehlukene yodwa ayiyikuma.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

25 UJesu eyazi imicabango yabo wathi kubo: “Yilowo nalowombuso owehlukene phakathi uyachitheka; futhi wonke umuzi noma indlu eyehlukene yodwa ayiyikuma.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 12:25
18 Referans Kwoze  

Kepha uma nilumana, nidlana, qaphelani ukuba ningaqedani.


“Mina Jehova ngivivinya inhliziyo, ngihlola izinso ukuba nginike, kube yilowo nalowo njengezindlela zakhe, njengezithelo zezenzo zakhe.”


Ngokuba ngumuphi kubantu owazi okomuntu, uma kungesiye umoya womuntu okuye na? Ngokunjalo nokukaNkulunkulu akwaziwa muntu, kuphela nguMoya kaNkulunkulu.


UJesu ezazi izizindlo zabo wathi: “Nizindlelani okubi ezinhliziyweni zenu na?


uManase u-Efrayimi, no-Efrayimi uManase, bobabili basukele kanyekanye uJuda; kukho konke lokhu intukuthelo yakhe ayibuyi, isandla sakhe siseluliwe.


Umuzi omkhulu waba yizinqamu ezintathu, nemizi yabezizwe yawa. NeBabiloni elikhulu lakhunjulwa phambi kukaNkulunkulu ukuba alinike isitsha sewayini lolaka lwakhe oluvuthayo.


futhi akukho nto edaliweyo engabonakali phambi kwakhe, kepha konke kwambuliwe kusobala emehlweni akhe esiyakuzilanda kuye.


UJesu ekwazi masinyane emoyeni wakhe ukuthi bazindla kanjalo phakathi kwabo, wathi kubo: “Nizindlelani ngalokhu ezinhliziyweni zenu na?


Uyakwazi ukuhlala kwami nokuvuka kwami, uqonda umcabango wami ukude.


ngiyakubulala abantwana bakhe ngokufa; amabandla onke ayakwazi ukuthi nginguye ophenya izinso nezinhliziyo, futhi ngiyakumnika yilowo nalowo wenu ngokwemisebenzi yakhe.


Wathi kuye ngokwesithathu: “Simoni kaJona, uyangithanda na?” UPetru wadabuka ngokuba wathi kuye ngokwesithathu: “Uyangithanda na?” Wathi kuye: “Nkosi, wazi konke wena, uyazi ukuthi ngiyakuthanda.” UJesu wathi kuye: “Yipha izimvu zami.


Ngokuba bheka, owabumba izintaba, nowawudala umoya, otshela umuntu umqondo wakhe, owenza ukusa kube ngubumnyama, onyathela ezindaweni eziphakemeyo zomhlaba, igama lakhe linguJehova, uNkulunkulu Sebawoti.


Khona abantu bakwa-Israyeli bahlukana kabili; inxenye yabantu yalandela uThibini, indodana kaGinati, ukuba bambeke inkosi, inxenye yalandela u-Omri.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite