Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 12:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Bheka, kwakukhona umuntu onesandla esishwabeneyo; bambuza bathi: “Kuvunyelwe yini ukuphulukisa ngesabatha na?” – ukuze bammangalele.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 Kwakukhona umuntu owayenesandla esishwabene; bambuza bathi: “Kuvunyelwe yini ukuphilisa ngesabatha na?” Babembuza nje ukuze bammangalele.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

10 Bheka, kwakukhona umuntu onesandla esishwabene. Bambuza-ke, bathi: Kuvunyelwe yini ukuphulukisa ngesabatha na? ukuze bambeke icala.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Bheka, kwakukhona umuntu onesandla esishwabene. Bambuza-ke, bathi: Kuvunyelwe yini ukuphulukisa ngesabatha na? ukuze bambeke icala.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 12:10
21 Referans Kwoze  

Umphathi wesinagoge,* ecunukile ngokuba uJesu ephulukisile ngesabatha, waphendula, wathi kuso isixuku: “Kukhona izinsuku eziyisithupha okufanele ukusetshenzwa ngazo; ngakho-ke anoza ngazo, niphulukiswe, kungabi ngosuku lwesabatha.”


Ngakho abanye kubaFarisi bathi: “Lona kaveli kuNkulunkulu, lokhu engagcini isabatha.” Abanye bathi: “Umuntu oyisoni angazenza kanjani izibonakaliso ezinje na?” Kwaba khona ukwahlukana phakathi kwabo.


Bakusho lokho bemlinga, ukuze babe nokummangalela. Kepha uJesu wakhothama, waloba ngomunwe emhlabathini.


Khona base bethi abaJuda kophilisiweyo: “Yisabatha, akuvunyiwe uthwale uhlaka.”


bemqamekela ukuba babambe into ephuma emlonyeni wakhe.


Kepha abaFarisi bebona lokho bathi kuye: “Bheka, abafundi bakho benza okungavunyelwe ukuba kwenziwe ngesabatha.”


“Maye kumalusi oyisiwula oshiya izimvu! Inkemba iyakuba sengalweni yakhe nasesweni lakhe lokunene; ingalo yakhe iyakubuna nokubuna, neso lakhe lokunene liyakufiphala nokufiphala.”


Ngokuba isiwula siyakukhuluma ubuwula, nenhliziyo yaso iyakusebenza ububi, yenze ukungamesabi uNkulunkulu, ikhulume okuphambene noNkulunkulu, yenze ukuba olambileyo abe nephango, nowomileyo ukuba aswele uphuzo lwakhe.


Kwakulele kuyo abagulayo abaningi kakhulu, izimpumputhe, nezinyonga, nabashwabeneyo, belindele ukuzanyazanyiswa kwamanzi.


Baqala ukumthwesa icala, bathi: “Simfumene lo edukisa isizwe sakithi, enqaba ukuba kuthelwe imali kuKesari, ethi nguye onguKristu inkosi.”


wathi kubo: “Nilethe kimi lo muntu ngokuthi ungodukisa abantu. Bhekani, mina ngimhlolile phambi kwenu, kepha angifumananga cala lalezo zinto enimmangalela ngazo;


Sivunyelwe ukuthela kuKesari noma qha?”


Kwase kusondela kuye abaFarisi, bamlinga bathi: “Kuvunyelwe yini ukuba indoda ilahle umkayo noma ngaliphi icala na?”


ukuphambuka nokumphika uJehova, nokumhlubuka uNkulunkulu wethu, nokukhuluma ukucindezela nokwambuka, nokucabanga nokukhuluma amazwi amanga aphuma enhliziyweni.


Akakho omemeza ngokulunga, akakho owahlulela ngeqiniso; bethemba kokuyize, bakhuluma amanga; bakhulelwe yingozi, bazala ububi.


Bamqaphela ukuba uzakumphilisa yini ngesabatha, ukuze bambeke icala.


Uma umuntu amukela ukusoka ngesabatha ukuze kungeqiwa umthetho kaMose, pho, ningithukuthelela ngokuba ngaphulukisa umuntu ngokuphelele ngesabatha na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite