Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 11:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 wathi kuye: “Wena unguye ozayo, noma sobheka omunye na?”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 wathi kuye: “Unguye yini ozayo, noma silindele omunye na?”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

3 basesithi kuye: Wena unguye ozayo yini, kumbe silindele omunye?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Basesithi kuye: Wena unguye ozayo yini, kumbe silindele omunye?

Gade chapit la Kopi




Mathewu 11:3
38 Referans Kwoze  

Wathi kuye: “Yebo, Nkosi, ngiyakholwa ukuthi wena unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu, obezakuza ezweni.”


“Bhekani, ngiyathuma isithunywa sami; siyakulungisa indlela phambi kwami. INkosi eniyifunayo iyakufika ngokuzumayo ethempelini layo; nesithunywa sesivumelwano enithokoza ngaso, bheka, siyeza,” usho uJehova Sebawoti.


Ngokuba kuse yisikhashana nje, ozayo uyeza, akayikulibala;


“Kepha wena Betlehema Efratha, omncane ukuba ube phakathi kwemindeni yakwaJuda, ngiyakuphunyelwa ngovela kuwe, ozakuba ngumbusi kwa-Israyeli, okuvela kwakhe kusukela endulo ezinsukwini zaphakade.”


Kepha esixukwini abaningi bakholwa nguye, bathi: “UKristu, nxa esefikile, uyakwenza izibonakaliso eziningi kunalezo azenzileyo lona na?”


Kwathi-ke abantu bebona isibonakaliso uJesu asenzayo, bathi: “Impela lo ungumProfethi ozayo ezweni.”


Thokoza kakhulu, ndodakazi yaseSiyoni; jabula nokujabula, ndodakazi yaseJerusalema; bheka, iNkosi yakho iza kuwe, ilungile, inensindiso, ithobekile, ikhwele imbongolo, ithole, inkonyane yembongolokazi.


Ngizakubeka ubutha phakathi kwakho nowesifazane, naphakathi kwenzalo yakho nenzalo yakhe. Yona iyakuchoboza ikhanda lakho, wena uyakulimaza isithende sayo.”


Uyakungikhazimulisa, ngokuba uyakuthatha kokwami anibikele khona.


bathatha amahlamvu esundu, baphuma ukumhlangabeza. Bamemeza bathi: “Hosiyana! Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi, yebo, iNkosi ka-Israyeli.”


UJesu wathi kuye: “Sifazane, kholwa yimi, isikhathi siyeza, lapho ningasayikukhuleka kuBaba nakule ntaba naseJerusalema.


sithi: “Ubusisiwe uMbusi ozayo egameni leNkosi, ukuthula ezulwini nenkazimulo kweliphezulu!”


Ababehamba phambili nababelandela bamemeza bathi: “Hosiyana! Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi.


Izixuku ezazihamba phambili nezazimlandela zamemeza zathi: “Hosiyana kuyo iNdodana kaDavide! Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi. Hosiyana kweliphezulu!”


“Yishoni kuyo indodakazi yaseSiyoni ukuthi: Bheka, iNkosi yakho iza kuwe, imnene, ikhwele embongolweni, yebo, etholeni, inkonyane yesilwane esiboshelwayo.”


Kepha kinina enilesabayo igama lami kuyakuphuma ilanga lokulunga, linokuphilisa emaphikweni alo; niyakuphuma, nitshekule njengamathole esibaya.


ngizamazamise nabo bonke abezizwe, kufike okunxanelekayo kwabo bonke abezizwe, ngiyigcwalise le ndlu ngenkazimulo,’ usho uJehova Sebawoti.


Abasindisi bayakukhuphukela entabeni yaseSiyoni ukuyakwahlulela intaba yakwa-Esawu, umbuso besewuba ngokaJehova.


Ngasemuva abantwana bakwa-Israyeli bayakubuya, bamfune uJehova uNkulunkulu wabo noDavide inkosi yabo, babuyele kuJehova benovalo nakukho okuhle kwakhe ngezinsuku ezizayo.


Ngalokho iNkosi uqobo iyakukunika isibonakaliso: bheka, intombi iyakukhulelwa, izale indodana, ibize igama layo ngokuthi u-Imanuweli.


Makabusiswe ozayo egameni likaJehova; siyanibusisa sisendlini kaJehova.


“Ngiyambona, kepha kungemanje; ngiyambheka, kodwa kungeseduze; kuyakuvela inkanyezi kuJakobe, nentonga yobukhosi iyakuvuka kwa-Israyeli, ishaye uMowabi emaceleni, ichithe onke amadodana kaSeti.


Intonga yobukhosi ayiyikusuka kuJuda, nozime lokubusa phakathi kwezinyawo zakhe, aze afike yena olufanele lona; nezizwe ziyakumlalela.


Ngiyakubabusisa abakubusisayo, nokuqalekisayo ngiyakumqalekisa; imindeni yonke yomhlaba iyakubusiswa kuwe.”


UJesu waphendula, wathi kubo: “Hambani nimlandise uJohane lokhu enikuzwayo nenikubonayo ukuthi:


Nguye okulotshwe ngaye ukuthi: “ ‘Bheka, ngiyathuma isithunywa sami phambi kobuso bakho esiyakulungisa indlela yakho phambi kwakho.’


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite