Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 11:26 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 yebo, Baba, ngokuba kwaba kuhle phambi kwakho ukuba kube njalo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

26 Yebo, Baba, ngokuba kwaba kuhle phambi kwakho ukuba kube njalo.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

26 Kunjalo, Baba, ngokuba kube kuhle emehlweni akho kanjalo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

26 Kunjalo, Baba, ngokuba kube kuhle emehlweni akho kanjalo.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 11:26
14 Referans Kwoze  

owasisindisa, wasibiza ngobizo olungcwele, kungengokwemisebenzi yethu kepha ngokwelakhe icebo nomusa, esawuphiwa kuKristu Jesu zingakabikho izikhathi,


ngokwecebo laphakade alenza ngoKristu Jesu iNkosi yethu;


kuyena esabelwa futhi ifa kuye, esakumiselwa ngaphambili ngokwesimiso salowo osebenza izinto zonke ngokunquma kwentando yakhe,


esazisa imfihlakalo yentando yakhe njengokuzibonela kwakhe azimisela khona ngaphambili,


Ngakho uhawukela lowo athanda ukumhawukela, umenza lukhuni lowo athanda ukumenza lukhuni.


Ngasona leso sikhathi wathokoza ngoMoya oNgcwele, wathi: “Ngiyakubonga, Baba, Nkosi yezulu nomhlaba, ngokuba ukufihlile lokho kwabahlakaniphileyo nabanokuqonda, wakwambulela izingane; yebo, Baba, ngokuba kwaba kuhle phambi kwakho ukuba kube njalo.


engimemezela ngaphambili okuyakuza, nasendulo izinto ezingakenziwa, ngokuthi: Icebo lami liyakuma, ngiyakwenza yonke intando yami,


Umphikiselani ngokuthi: Akaphenduli nelilodwa lamazwi ami.


wathi: “Baba, uma uthanda, susa lesi sitsha kimi; nokho makungenziwa intando yami kodwa eyakho.”


Kepha uJesu wathi: “Baba, bathethelele, ngokuba abakwazi abakwenzayo.” Babelana izingubo zakhe, benzelana inkatho.


Balisusa-ke itshe. Kepha uJesu waphakamisa amehlo, wathi: “Baba, ngiyakubonga ngokuba ungizwile.


“Kalokhu umphefumulo wami ulusizi, ngizakuthini na? Baba, ngisindise kulo mzuzu. Kodwa ngenxa yalokhu ngize kulo mzuzu.


Baba, khazimulisa igama lakho.” Kwase kufika izwi livela ezulwini, lithi: “Ngilikhazimulisile, ngobuye ngilikhazimulise.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite