Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 11:23 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Nawe Kapernawume uyakuphakanyiselwa ezulwini na? Uyakwehliselwa eHayidese* ngokuba uma yayenziwe eSodoma imisebenzi yamandla eyenziwe kuwe, ngabe likhona nanamuhla.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

23 Nawe Khaphernawume, uthi kambe uyakuphakanyiselwa ezulwini na? Phinde, uyakwehliselwa eHayidesi, ngokuba, ukuba imisebenzi yamandla eyenziwe kuwe yayenziwe eSodoma, ngabe lisekhona nanamuhla.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

23 Nawe Kapernawume, ophakanyiselwe ezulwini, uyakwehliselwa esihogweni, ngokuba uma yayenziwe eSodoma imisebenzi yamandla eyenziwe kuwe, ngabe isekhona nanamuhla.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Nawe Kapernawume, ophakanyiselwe ezulwini, uyakwehliselwa esihogweni, ngokuba uma yayenziwe eSodoma imisebenzi yamandla eyenziwe kuwe, ngabe isekhona nanamuhla.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 11:23
30 Referans Kwoze  

Wasuka eNazaretha, weza wahlala eKapernawume elingaselwandle emikhawulweni yakwaZabuloni neyakwaNafetali


Kepha abantu baseSodoma babebabi, bengabonayo kakhulu phambi kukaJehova.


Nezidumbu zabo ziyakusala ezitaladini zomuzi omkhulu othiwa ngokomoya iSodoma neGibithe, lapho neNkosi yabo yabethelwa khona.


njengokuba iSodoma neGomora nemizi yangakhona yenza ubufebe ngendlela efana neyayo, yalandela inyama imbe imisiwe ibe yisiboniso, izwa isijeziso somlilo omiyo njalo.


Ngokuba awuyikushiya umphefumulo wami eHayidese,* futhi awuyikuvuma oNgcwele wakho abone ukubola.


Ngokuba oziphakamisayo uzakuthotshiswa; nozithobayo uzakuphakanyiswa.”


Nami-ke ngithi kuwe: Wena unguPetru; phezu kwaleli dwala ngiyakulakha ibandla lami; amasango eHayidese* awayikulahlula.


Kwathi esangena eKapernawume, kweza kuye induna yekhulu, yamncenga yathi:


Noma uphakama njengokhozi, kubekwe isidleke sakho phakathi kwezinkanyezi, ngiyakukwehlisa khona,” usho uJehova.


Yeka ukwembesa kweNkosi indodakazi yaseSiyoni amafu ngentukuthelo yayo. Uphonsile ubuhle buka-Israyeli emhlabeni busuke ezulwini, angasikhumbulanga isenabelo sezinyawo zayo ngosuku lwentukuthelo yayo.


SesiseHayidese* saphakamisa amehlo aso, sisebuhlungwini, sambona u-Abrahama ekude, noLazaru esesifubeni sakhe.


Wathi kubo: “Nempela niyakusho kimi lesi saga sokuthi: ‘Nyanga, zelaphe wena.’ Lokho esikuzwile kwenziwa eKapernawume, kwenze nalapha ezweni lakini.”


Kwathi ukuba bafike eKapernawume, abaqoqi bemali yethempeli beza kuPetru, bathi: “Umfundisi wenu akayitheli imali yethempeli na?”


ngiyakukwehlisa nabehlela egodini, kubantu basendulo, ngikuhlalise ekujuleni komhlaba kanye nabehlela egodini njengasezindaweni ezichithekileyo kwasendulo, ukuze ungahlalwa, ngisabeka udumo ezweni labaphilayo.


ukuba kungabikho muthi ngasemanzini okhukhumala ngokuphakama kwawo, ungabeki isihloko sawo emafwini, yebo, nenamandla ingemi ngokuziphakamisa, yonke ephuze amanzi; ngokuba yonke inikelwe ekufeni kokuphansi komhlaba phakathi kwabantwana babantu, kwabehlelayo egodini.


“Ndodana yomuntu, khalela isixuku saseGibithe, usehlisele ezindaweni eziphansi komhlaba, sona namadodakazi ezizwe ezidumileyo, kanye nabehlela egodini.


“Lapho kukhona i-Elamu nesixuku sonke salo nxazonke zethuna, bebulewe bonke bewe ngenkemba, abehlele ezindaweni eziphansi komhlaba bengasokile, ababebanga ukuba besatshwe ezweni labaphilayo; sebethwala amahloni abo kanye nabehlela egodini.


Ngiqinisile ngithi kini: Kuyakuba ngcono ezweni laseSodoma nakwelaseGomora ngosuku lokwahlulelwa kunakulowo muzi.


Nawe Kapernawume uyakuphakanyiselwa ezulwini na? Uyakwehliselwa eHayidese.*


ebona kuse phambili, wakhuluma ngokuvuka kukaKristu ukuthi akashiywanga eHayidese,* nenyama yakhe ayibonanga ukubola.


nophilayo; ngangifile, bheka, sengingophilayo kuze kube phakade naphakade, futhi nginezihluthulelo zokufa nezeHayidese*.


Ngase ngibona, bheka, nanto ihhashi elimpofu nohlezi phezu kwalo, igama lakhe lalingukuFa, neHayidese* lalandelana naye; base benikwa amandla phezu kokwesine komhlaba ukuba babulale ngenkemba, nangendlala, nangokufa, nangezilwane zomhlaba.


Nolwandle lwakhipha abafileyo ababekulo, nokufa neHayidese* kwakhipha abafileyo ababekukho, bahlulelwa yilowo nalowo njengokwemisebenzi yakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite