Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 10:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Laba abayishumi nambili uJesu wabathuma, wabayala wathi: “Ningayi ngendlela yabezizwe, ningangeni emzini wamaSamariya;

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Laba abali-12 wabathuma, wabayala wathi: “Ningayi kwabezizwe, ningangeni nasemzini wamaSamariya,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

5 Laba abayishumi nambili uJesu wabathuma, wabayala wathi: “Ningayi endleleni yabezizwe, ningangeni emzini wamaSamariya;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Laba abayishumi nambili uJesu wabathuma, wabayala wathi: “Ningayi endleleni yabezizwe, ningangeni emzini wamaSamariya;

Gade chapit la Kopi




Mathewu 10:5
27 Referans Kwoze  

Khona owesifazane waseSamariya wathi kuye: “Yini ukuba wena ongumJuda ucele ukuphuziswa yimi engingowesifazane waseSamariya na?” Ngokuba abaJuda abadlelani namaSamariya.


besivimbela ukukhuluma nabezizwe ukuba basindiswe, ukuze bagcwalise njalo izono zabo; kepha ulaka selufinyelele phezu kwabo ngokupheleleyo.


yawa ngobuso ngasezinyaweni zakhe imbonga; yayingumSamariya.


Abokusoka abakholwayo ababefikile noPetru bamangala kakhulu, ngokuba isipho sikaMoya oNgcwele sitheliwe naphezu kwabezizwe.


Wabathuma ukushumayela umbuso kaNkulunkulu nokuphulukisa.


kodwa nizakwamukeliswa amandla, uMoya oNgcwele esefikile phezu kwenu, nibe ngofakazi bami eJerusalema, naseJudiya lonke, naseSamariya kuze kube sekugcineni komhlaba.”


Khona uJesu wabuye wathi kubo: “Ukuthula makube kinina. Njengokuba uBaba engithume mina, nami ngiyanithuma nina.”


Ngakho abaJuda bakhuluma bodwa, bathi: “Uzakuya ngaphi lo lapho singayikumthola na? Uyakuya kwabahlakazekileyo kumaGreki, afundise amaGreki, na?


Khona wafika emzini waseSamariya ogama lawo yiSikhari, eduze nesiqinti uJakobe asinika uJosefa indodana yakhe.


Kepha umSamariya othile owayesendleleni wafika kuye; wathi ukuba ambone, wamhawukela;


“Izwe lakwaZabuloni nezwe lakwaNafetali ngaselwandle ngaphesheya kweJordani, iGalile labezizwe,


Kepha uSawulu wayevumelene nabo ngokubulawa kwakhe. Ngalolo suku kwavela ukuzingelwa okukhulu kwebandla laseJerusalema; bahlakazeka bonke emazweni aseJudiya naseSamariya; kwasala abaphostoli bodwa.


Baphendula abaJuda, bathi kuye: “Asisho kahle yini ukuthi ungumSamariya nokuthi unedemoni na?”


Okhokho bethu babekhulekela kule ntaba; nina-ke nithi iseJerusalema indawo lapho kufanele kukhulekelwe khona.”


Emva kwalokho iNkosi yamisa abanye abangamashumi ayisikhombisa, yabathumela ngababili phambi kwayo emizini nasezindaweni zonke ebizakuya kuzo yona.


Wathuma izinceku zakhe ukubiza abamenyiweyo emshadweni; kepha abavumanga ukuza.


Wayesebabiza abayishumi nambili, waqala ukubathuma ngababili, wabanika amandla phezu kwawomoya abangcolileyo.


Wayesebabizela ndawonye abayishumi nambili, wabanika amandla negunya phezu kwamademoni onke nokuphulukisa izifo.


Njengalokho wangithumela ezweni, nami ngibathumela ezweni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite