Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 10:41 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

41 Owamukela umprofethi ngegama lomprofethi uyakuzuza umvuzo womprofethi; nowamukela olungileyo ngegama lolungileyo uyakuzuza umvuzo wolungileyo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

41 Owamukela umphrofethi ngokuba engumphrofethi, uyakuzuza umvuzo womphrofethi; nowamukela olungileyo ngokuba lowo elungile, uyakuzuza umvuzo wolungileyo.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

41 Owamukela umprofethi egameni lomprofethi uyakwamukela umvuzo womprofethi; nowamukela olungileyo ngokuba olungileyo uyakwamukela umvuzo wolungileyo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

41 Owamukela umprofethi egameni lomprofethi uyakwamukela umvuzo womprofethi; nowamukela olungileyo ngokuba olungileyo uyakwamukela umvuzo wolungileyo.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 10:41
27 Referans Kwoze  

Ngokuba uNkulunkulu kasiye ongalungile ukuba akhohlwe umsebenzi wenu nothando enalubonakalisa ngakulo igama lakhe, lokhu nibakhonzile abangcwele, nisabakhonza.


Ziqapheleni nina, ukuze ningalahlekelwa ngesikusebenzileyo, kodwa namukele umvuzo opheleleyo.


Kepha manje wena, buyisa umfazi wendoda, ngokuba ingumprofethi; iyakukukhulekela ukuba uphile; uma ungambuyiseli, yazi ukuthi uyakufa nokufa, wena nabo bonke abakho.”


Ngokuba uma ngikwenza lokho ngokuzithandela kwami, nginomvuzo; kepha uma kungengakho ukuzithandela kwami, khona-ke kungumsebenzi engiwuphathisiweyo.


Ngokuba iNdodana yomuntu iyakuza ngenkazimulo kaYise kanye nezingelosi zayo; khona-ke iyakuvuza yilowo nalowo ngesenzo sakhe.


ukuze ungabonakali kubantu ukuthi uzilile kodwa kuYihlo osekusithekeni; noYihlo obona ekusithekeni uzakukuvuza.


Uyakhonza kini uGayu ongingenise kwakhe, mina nebandla lonke. Uyakhonza kini u-Erastu, umphathisikhwama womuzi, noKwartu umzalwane.


Kepha wena, nxa ukhuleka, ngena ekamelweni lakho, uthi usuvale umnyango wakho ukhuleke kuYihlo osekusithekeni; noYihlo obona ekusithekeni uzakukuvuza.


Kuthe esebhapathiziwe kanye nendlu yakhe, wasincenga wathi: “Uma nithi ngikholekile eNkosini, ngenani endlini yami, nihlale khona;” wasicindezela.


ukuze isipho sakho sibe sekusithekeni; noYihlo obona ekusithekeni uzakukuvuza.


“Kepha qaphelani ningenzi ukulunga kwenu phambi kwabantu ukuba nibonwe yibo, funa ningabi nawo umvuzo kuYihlo osezulwini.


Yishoni kolungileyo ukuthi kuyakuba kuhle kuye, ngokuba bayakudla izithelo zezenzo zabo.


Ngokuba yilowo nalowo ocelayo uyamukeliswa, nofunayo uyafumana, nongqongqothayo uzakuvulelwa.


“Khona bayakuphendula nabo, bathi: ‘Nkosi, sakubona nini ulambile, noma womile, noma ungumfokazi, noma uhamba ze, noma ugula, noma usetilongweni, singakukhonzanga, na?’


“Khona iyakubaphendula ithi: ‘Ngiqinisile ngithi kini: Lokho eningakwenzanga komunye walaba abancinyane anikwenzanga nakimi.’


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite