Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 10:25 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 Kumanele umfundi abe njengomfundisi wakhe, nenceku ibe njengenkosi yayo. Uma bebizile umninindlu ngokuthi uBelzebule, kakhulu abendlu yakhe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

25 Kwanele uma umfundi enjengomfundisi wakhe, nenceku injengenkosi yayo. Uma umninindlu bembize ngokuthi uBhelzebhule, kakhulu kangakanani abendlu yakhe.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

25 Kumanele umfundi ukuthi abe njengomfundisi wakhe, nenceku ibe njengenkosi yayo. Uma bebizile umninindlu ngokuthi uBelzebule, kakhulu kangakanani abendlu yakhe?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

25 Kumanele umfundi ukuthi abe njengomfundisi wakhe, nenceku ibe njengenkosi yayo. Uma bebizile umninindlu ngokuthi uBelzebule, kakhulu kangakanani abendlu yakhe?

Gade chapit la Kopi




Mathewu 10:25
13 Referans Kwoze  

Kepha abanye kubo bathi: “Ukhipha amademoni ngoBelzebule umbusi wamademoni.”


Kepha abaFarisi bekuzwa bathi: “Lo uwakhipha amademoni ngoBelzebule kuphela, umbusi wamademoni.”


Kepha abaFarisi bathi: “Ukhipha amademoni ngenkosi yamademoni.”


Isixuku saphendula sathi: “Unedemoni wena; ngubani ofuna ukukubulala na?”


Nababhali abehla bevela eJerusalema bathi: “UnoBelzebule, ukhipha amademoni ngombusi wamademoni.”


Baphendula abaJuda, bathi kuye: “Asisho kahle yini ukuthi ungumSamariya nokuthi unedemoni na?”


Abaningi kubo bathi: “Unedemoni, uyahlanya; nimlalelelani na?”


Bathi kuye abaJuda: “Manje sesiyazi ukuthi unedemoni; u-Abrahama wafa, nabaprofethi; wena-ke uthi: ‘Uma umuntu egcina izwi lami, kasoze akuzwa ukufa naphakade.’


U-Ahaziya wawa eheleni lekamelo lakhe eliphezulu laseSamariya, wagula, wathuma izithunywa, wathi kuzo: “Hambani nibuze kuBali Zebubi unkulunkulu wase-Ekroni, uma ngiyakusinda kulokhu kugula kwami.”


Uma mina ngikhipha amademoni ngoBelzebule, amadodana enu awakhipha ngobani na? Ngalokho-ke wona ayakuba ngabahluleli benu.


NoSathane, uma ehlukene yedwa, umbuso wakhe uyakuma kanjani na? lokhu nithi ngikhipha amademoni ngoBelzebule.


Uma mina ngikhipha amademoni ngoBelzebule, amadodana enu awakhipha ngobani na? Ngalokho-ke wona ayakuba ngabahluleli benu.


Bathi kuye: “Singakwenza.” UJesu wathi kubo: “Isitsha engisiphuzayo mina niyakusiphuza, nibhapathizwe ngombhapathizo engibhapathizwa ngawo mina;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite