Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 10:22 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Niyakuzondwa ngabantu bonke ngenxa yegama lami; kodwa okhuthazelayo kuze kube sekupheleni lowo uyakusindiswa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

22 Niyakuzondwa ngabantu bonke ngenxa yegama lami, kodwa oqiniselayo kuze kube sekupheleni, uyakusindiswa.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

22 niyakuzondwa ngabantu bonke ngenxa yegama lami, kepha okhuthazelayo kuze kube sekupheleni nguyena oyakusindiswa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Niyakuzondwa ngabantu bonke ngenxa yegama lami, kepha okhuthazelayo kuze kube sekupheleni nguyena oyakusindiswa.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 10:22
30 Referans Kwoze  

Kodwa okhuthazelayo kuze kube sekupheleni nguyena oyakusindiswa.


Ubusisiwe umuntu okhuthazela ekulingweni; ngokuba esevivinyekile uyakwamukeliswa umqhele wokuphila othenjisiwe yiNkosi kwabayithandayo.


Ungesabi lokho ozakuhlupheka ngakho. Bheka, uSathane uzakuphonsa abanye kini etilongweni ukuba nilingwe, futhi niyakuhlupheka izinsuku eziyishumi. Thembeka kuze kube sekufeni, ngokunika umqhele wokuphila.


Niyakuzondwa yibo bonke ngenxa yegama lami, kodwa okhuthazelayo kuze kube sekupheleni nguyena oyakusindiswa.


Ofumana ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho; olahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami uyakukufumana.


Ningamangali, bazalwane, uma izwe linizonda.


“Lapho-ke bayakunikhaphela osizini, banibulale; niyakuzondwa yizizwe zonke ngenxa yegama lami.


labo abafuna ngokukhuthazela ekwenzeni okuhle inkazimulo nodumo nokungabhubhi bothola ukuphila okuphakade;


Kepha sinxanela ukuba yilowo nalowo kini abonakalise lokho kukhuthalela, lize liphelele ithemba kuze kube sekupheleni,


Mina ngibanikile izwi lakho; izwe labazonda, ngokuba bengesibo abezwe, njengalokhu nami angisiye owezwe.


Kepha masingakhathali ekwenzeni okuhle, ngokuba siyakuvuna ngesikhathi esifaneleyo, uma singadangali.


Nibusisiwe, nxa abantu benizonda nanxa benicwasa, benithuka, belilahla igama lenu ngokungathi libi ngenxa yeNdodana yomuntu.


Ngokuba sisaphila sinikelwa njalo ekufeni ngenxa kaJesu, ukuze nokuphila kukaJesu kubonakaliswe enyameni yethu efayo.


“Nibusisiwe, nxa benithuka, benizingela, bekhuluma konke okubi ngani, beqamba amanga ngenxa yami.


“Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni. Onqobayo ngiyakumnika okwemana* elifihliweyo, ngimuphe itshe elimhlophe, nasetsheni kulotshiwe igama elisha elingaziwa muntu, ngolamukelayo kuphela.


Izwe lingenizonde nina, kepha mina liyangizonda, ngokuba ngifakaza ngalo ukuthi imisebenzi yalo mibi.


Okusemhlabathini omuhle yilabo abathi belizwile izwi, balibambe ngenhliziyo enhle nelungileyo, bathele izithelo ngokubekezela.


“Onqobayo ngiyakumnika ukuba ahlale nami esihlalweni sami sobukhosi, njengalokho nami nganqoba, ngahlala noBaba esihlalweni sakhe sobukhosi.


“Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni. Onqobayo ngiyakumnika ukuba adle kuwo umuthi wokuphila oseParadisi* likaNkulunkulu.


ngokuba sesingabahlanganyela kuKristu, uma sibambisisa ithemba lethu lokuqala kuze kube sekupheleni.


“Onqobayo nogcina imisebenzi yami kuze kube sekupheleni lowo ngiyakumnika amandla phezu kwezizwe;


ngokuba mina ngizakumbonisa konke amelwe ukuhlushwa ngakho ngenxa yegama lami.”


unokubekezela, wakhuthazela ngenxa yegama lami, kawukhathalanga.


Umuntu owonakeleyo uyisinengiso kwabalungileyo, noqotho endleleni uyisinengiso komubi.


Niyakuzondwa yibo bonke ngenxa yegama lami.


Ngokukhuthazela kwenu niyakuzuza imiphefumulo yenu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite