Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 1:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 uJesayi wazala uDavide, inkosi. UDavide wazala uSolomoni kumka-Uriya;

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 uJesayi wazala uDavide, inkosi. UDavide wazala uSolomoni kumka-Uriya;

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

6 UJese wazala uDavide inkosi; uDavide inkosi wazala uSolomoni ngumka-Uriya;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 UJese wazala uDavide inkosi; uDavide inkosi wazala uSolomoni ngumka-Uriya;

Gade chapit la Kopi




Mathewu 1:6
25 Referans Kwoze  

ngokuba uDavide wenza okulungile emehlweni kaJehova, kaphambukanga ngalutho amyala ngalo zonke izinsuku zokuhamba kwakhe, kuphela endabeni ka-Uriya umHeti.


UDavide wayeyindodana yalowo mEfrati waseBetlehema Juda ogama lakhe lalinguJese; wayenamadodana ayisishiyagalombili; lowo muntu wayemdala ezinsukwini zikaSawule phakathi kwabantu.


Nanka amagama abantwana ayenabo eJerusalema: oShamuvwa, noShobabi, noNathani, noSolomoni,


Yilaba azalelwa bona eJerusalema: ngoShimeya, noShobabi, noNathani, noSolomoni, bebane, kuBati Shuwa indodakazi ka-Amiyeli,


Lawa angamazwi okugcina kaDavide. “UDavide indodana kaJese uthi, umuntu owaphakanyiselwa phezulu uthi, ogcotshiweyo kaNkulunkulu kaJakobe nomhlabeleli omnandi wakwa-Israyeli usho ukuthi:


UJehova wathi kuSamuweli: “Uyakumkhalela kuze kube nini na? Ngokuba ngimlahlile ukuba angabe esaba yinkosi phezu kuka-Israyeli. Gcwalisa uphondo lwakho ngamafutha, uhambe; ngiyakukuthuma kuJese waseBetlehema, ngokuba ngizibonele inkosi phakathi kwamadodana akhe.”


Ngokuba lokho okwehlula umthetho, ngokuba ungenamandla ngenxa yenyama, wakwenza uNkulunkulu ngokuthuma iNdodana yakhe ifana nenyama yesono, nangenxa yesono walahla isono enyameni,


Kuyakuvela ihlumela esiqwini sikaJese, kuphume igatsha ezimpandeni zakhe.


Imikhuleko kaDavide indodana kaJese isaphelile.


nasemadodaneni ami onke, ngokuba uJehova ungiphe amadodana amaningi, ukhethe uSolomoni indodana yami ukuba ahlale esihlalweni sobukhosi sombuso kaJehova kwa-Israyeli.


no-Uriya umHeti, noZabadi indodana ka-Ahilayi,


no-Osemi owesithupha, noDavide owesikhombisa;


no-Uriya umHeti, bengamashumi amathathu nesikhombisa bebonke.


UDavide wathuma wabuza ngalowo wesifazane. Omunye wathi: “Lowo akasiye uBati Sheba yini, indodakazi ka-Eliyamu, umka-Uriya umHeti, na?”


ngokuba ningenzele nonke ugobe, akwababikho ongitshelileyo lapho indodana yami yenza isivumelwano nendodana kaJese, akwababikho kini ongidabukelayo nongitshelayo ukuthi indodana yami ingivusele inceku yami ukuba ingiqamekele njenganamuhla.”


USawule wathi kuye: “Uyindodana kabani wena mfana na?” UDavide waphendula wathi: “Ngiyindodana yenceku yakho uJese waseBetlehema.”


u-Obede wazala uJese; uJese wazala uDavide.


uSalimoni wazala uBowasi kuRahabi, uBowasi wazala u-Obede kuRuthe, u-Obede wazala uJesayi;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite