Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseKolose 4:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Ukukhuluma kwenu makube nomusa njalo, kuyolisiwe ngosawoti, ukuze nazi enifanele ukubaphendula ngakho bonke abantu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 Ukukhuluma kwenu makube nomusa njalo, kuyoliswe ngosawoti, ukuze nazi enifanele ukubaphendula ngakho bonke abantu.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

6 Ukukhuluma kwenu makube nomusa njalo, kuyolisiwe ngosawoti, ukuze nazi enifanele ukubaphendula ngakho bonke abantu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Ukukhuluma kwenu makube nomusa njalo, kuyolisiwe ngosawoti, ukuze nazi enifanele ukubaphendula ngakho bonke abantu.

Gade chapit la Kopi




KwabaseKolose 4:6
33 Referans Kwoze  

Makungaphumi emlonyeni wenu nalinye izwi elibolileyo, kodwa kube ngelilungele ukwakha njengokuswelekileyo, ukuze libavezele umusa abezwayo.


kepha mngcweliseni uKristu abe yiNkosi ezinhliziyweni zenu, nihlale ningabalungele ukubaphendula bonke abanibuza isizathu sethemba elikini,


Amazwi omlomo wohlakaniphileyo anomusa, kepha izindebe zesiwula ziyasigwinya sona.


“Usawoti muhle, kepha uma usawoti engasenabusawoti, niyakumhlaziya ngani na? Yibani nosawoti phakathi kwenu, nihlalisane ngokuthula.”


Ulimi oluthulayo lungumuthi wokuphila, kepha ukuphambanisa kwalo kungukuchotshozwa komoya.


Izindebe zabahlakaniphileyo ziyasakaza ukwazi, kepha izinhliziyo zeziwula azinjalo.


Izwi likaKristu alihlale phakathi kwenu, livame, nifundisane ngokuhlakanipha konke, niyalane ngamahubo, nangezihlabelelo, nangamaculo okomoya, nimhubele uNkulunkulu ezinhliziyweni zenu ngokubonga.


“Nina ningusawoti womhlaba, kepha uma usawoti edumele, ubusawoti bovuswa ngani na? Akasasizi lutho, kuphela ukulahlwa ngaphandle, anyathelwe ngabantu.


Izindebe zolungileyo ziyondla abaningi, kepha iziwula ziyafa ngokuswela ingqondo.


Ngiyakukhuluma ngobufakazi bakho phambi kwamakhosi, ngingajabhi.


Hlabelelani kuye, nimhubele, nikhulume ngezimangaliso zakhe zonke.


Umuhle wena kunabantwana babantu; ubuhle buthululelwe ezindebeni zakho; ngakho-ke uNkulunkulu ukubusisile kuze kube phakade.


Bonke bamfakazela bemangala ngamazwi omusa aphuma emlonyeni wakhe, bathi: “Lo akasiyo indodana kaJosefa na?”


Ngomlomo wami ngimemezele zonke izahlulelo zomlomo wakho.


Wozani nizwe nina nonke enesaba uNkulunkulu; ngizakulandisa akwenzele umphefumulo wami.


Landani inkazimulo yakhe phakathi kwabezizwe, izimangaliso zakhe phakathi kwabantu bonke.


Niyakuwafundisa abantwana benu, ukhulume ngawo, lapho uhlezi endlini yakho, nalapho uhamba endleleni, nalapho ulala, nalapho uvuka.


Yonke iminikelo yakho yempuphu iyoliswe ngosawoti; ungavumeli ukuba usawoti wesivumelwano sikaNkulunkulu wakho asilale emnikelweni wakho wempuphu; wonikela ngayo yonke iminikelo yakho inosawoti.


Uyakukusondeza phambi kukaJehova, abapristi bathele usawoti kukho, banikele ngakho, kube ngumnikelo wokushiswa kuJehova.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite