Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseKolose 3:25 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 Ngokuba lowo owenza ukungalungi uyakwamukeliswa ukungalungi akwenzileyo; akukho ukukhetha umuntu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

25 Ngokuba lowo owenza okungalungile, uyakuvuna ukungalungi akwenzileyo, ngokuba akukho ukwenzelela kuyo.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

25 Kepha owenza okubi uyakwamukeliswa okubi akwenzileyo; akukho ukukhetha komuntu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

25 Kepha owenza okubi uyakwamukeliswa okubi akwenzileyo; akukho ukukhetha komuntu.

Gade chapit la Kopi




KwabaseKolose 3:25
22 Referans Kwoze  

Khona uPetru wavula umlomo, wathi: “Nembala ngiyabona ukuthi uNkulunkulu akabheki ubuso bamuntu,


Ngokuba akukho ukukhetha umuntu kuNkulunkulu.


Ngokuba thina sonke simelwe ukubonakaliswa phambi kwesihlalo sokwahlulela sikaKristu, ukuze yilowo nalowo amukele njengalokho akwenzileyo esesemzimbeni, noma okuhle noma okubi.


ukuba kungabikho noyedwa omonayo, aphambe umfowabo ngento, ngokuba iNkosi ingumphindiseli kukho konke lokho, njengokuba sanitshela phambili, saqinisa.


Ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu unguNkulunkulu wawonkulunkulu, neNkosi yamakhosi, uNkulunkulu omkhulu onamandla nowesabekayo, ongakhethi buso bamuntu, nongamukeli mvuzo.


Uma nimbiza ngokuthi Baba yena owahlulela yilowo nalowo ngokwemisebenzi yakhe engakhethi buso, anohamba ngokwesaba esikhathini sokuhlala kwenu ebufokazini,


Nani makhosi, yenzani okunjalo kuzo, niyeke ukusongela, nazi ukuthi neyazo neyenu iNkosi isezulwini nokuthi ukukhetha umuntu akukho kuye.


Ngalokho ingebhe ngoJehova mayibe phezu kwenu; qaphelani nikwenze, ngokuba ukungalungi akukho kuJehova uNkulunkulu wethu, nokukhetha ubuso, nokwamukela umvuzo.”


Maningakhethi abantu ekwahluleleni, nimuzwe omncane njengomkhulu, ningesabi ubuso bamuntu, ngokuba ukwahlulela kungokukaNkulunkulu; indaba elukhuni kini niyilethe kimi, ngiyizwe.’


Ngokuba uma izwi elakhulunywa ngezingelosi laqiniseka, nakho konke ukuphambuka nokungalaleli kwaphindiselwa ngokufaneleyo,


Makhosi, zenzeleni izinceku zenu okulungileyo nokufaneleyo; nazi ukuthi nani nineNkosi ezulwini.


Bambuza-ke bathi: “Mfundisi, siyazi ukuthi ukhuluma, ufundisa ngokuqondileyo, awukhethi buso bamuntu, kepha ufundisa indlela kaNkulunkulu ngokuqinisileyo.


Ngalokho abantu bayamesaba; kepha akanaki abazishaya izihlakaniphi ngenhliziyo.”


ongakhethi ubuso bezikhulu, onganaki ocebileyo kunompofu, na? Ngokuba bonke bangumsebenzi wezandla zakhe.


Ngokuba simelwe ukufa, sinjengamanzi achithwa emhlabathini, angenakuqoqwa futhi; uNkulunkulu akasusi ukuphila, kepha uqamba amasu ukuba oxoshiweyo angabi ngumxoshwa kuye.


“ ‘Ningenzi ukungalungi ekwahluleleni; ungakhethi ubuso bompofu, ungavuni ubuso bomkhulu, kepha wahlulele umakhelwane wakho ngokulunga.


Yilabo abakhononayo nabasolayo, behamba ngezinkanuko zabo, umlomo wabo ukhuluma uwangala, betusa ubuso ngenxa yenzuzo.


Kodwa uma ekonile ngento, noma enecala kuwe, lokho kubalele kimi;


Ngokuba iNdodana yomuntu iyakuza ngenkazimulo kaYise kanye nezingelosi zayo; khona-ke iyakuvuza yilowo nalowo ngesenzo sakhe.


nazi ukuthi konke okuhle yilowo nalowo akwenzayo, uzakukwamukela okunjalo eNkosini, noma eyinceku noma engokhululekileyo.


uma kambe kuyinto elungile kuNkulunkulu ukuba abuyisele ukuhlupheka kubo abanihluphayo,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite