Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseKolose 3:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 lapho kungekho mGreki namJuda, ukusoka nokungasoki, owezizwe noma umSkithe, isigqila noma okhululekileyo, kepha uKristu uyikho konke, ukubo bonke.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 lapho kungekho mGriki namJuda, ukusoka nokungasoki, owezizwe noma umSkithe, isigqila noma okhululekileyo, kodwa uKhristu uyikho konke, kubo bonke.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

11 lapho kungekho khona umGreki nomJuda, ukusoka nokungasoki, owezizwe, umSkithe, isigqila noma okhululekile, kepha uKristu uyikho konke, ukubo bonke.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 lapho kungekho khona umGreki nomJuda, ukusoka nokungasoki, owezizwe, umSkithe, isigqila noma okhululekile, kepha uKristu uyikho konke, ukubo bonke.

Gade chapit la Kopi




KwabaseKolose 3:11
54 Referans Kwoze  

Ngokuba ngaMoya munye thina sonke sabhapathizwa sibe mzimba munye, noma singabaJuda noma singamaGreki, noma siyizigqila noma singabakhululekileyo; thina sonke saphuziswa Moya munye.


Ngokuba akukho mahluko phakathi komJuda nomGreki, lokhu yena uyiNkosi yabo bonke, ubacebele bonke abakhuleka kuye,


ukuthi abezizwe bayizindlalifa kanye nathi, nokuthi bamzimba munye nathi, nokuthi bangabahlanganyeli besithembiso kanye nathi kuKristu Jesu ngevangeli;


elona lingumzimba wakhe, ukugcwala kwakhe ogcwalisa konke kubo bonke.


Kumbe uNkulunkulu ungowabaJuda kuphela na? Kasiye nowabezizwe na? Yebo, nowabezizwe,


Ngokuba kuKristu Jesu akusizi lutho ukusoka nokungasoki, kepha kuphela ukukholwa okusebenza ngothando.


mina kubona, nawe kimina, ukuba bapheleliswe ebunyeni, ukuze izwe lazi ukuba wena ungithumile, wabathanda, njengalokho ungithandile.


akuseyimi ophilayo, kepha uKristu uphila kimi; kodwa ukuphila engikuphilayo kalokhu enyameni ngikuphila ngokukholwa, okungukukholwa yiNdodana kaNkulunkulu eyangithandayo, yazinikela ngenxa yami.


Ukusoka akulutho, nokungasoki akulutho, kuphela ukugcina imiyalo kaNkulunkulu.


ukuze abaseleyo babantu kanye nabezizwe bonke bayifune iNkosi, elibizwe phezu kwabo igama lami,’ isho iNkosi ekwenza lokhu,


UJehova wambulile ingalo yakhe engcwele emehlweni ezizwe zonke, namajukujuku onke omhlaba ayakubona insindiso kaNkulunkulu wethu.


yebo, uthi: “Kuyinto elula ukuba ube yinceku yami ukuvusa izizwe zakwaJakobe, nokubuyisa abaseleyo bakwa-Israyeli; ngalokho ngiyakukubeka ube ngukukhanya kwabezizwe, ube yinsindiso yami kuze kube semkhawulweni womhlaba.”


Ngokuba kusukela ekuphumeni kwelanga kuze kube sekushoneni kwalo igama lami likhulu phakathi kwezizwe; ezindaweni zonke igama lami lishiselwa impepho kanye neminikelo ehlambulukileyo, ngokuba igama lami likhulu phakathi kwezizwe,” usho uJehova Sebawoti.


“Izizwe eziningi ziyakuzihlanganisa noJehova ngalolo suku, zibe ngabantu bami; ngiyakuhlala phakathi kwakho, wazi ukuthi nguJehova Sebawoti ongithumile kuwe.


ukuze badle ifa lensali yakwa-Edomi nelezizwe zonke ezabizwa ngegama lami,” usho uJehova okwenza lokhu.


Izizwe eziningi ziyakuhamba, zithi: “Wozani sikhuphukele entabeni kaJehova nasendlini kaNkulunkulu kaJakobe; uyakusifundisa izindlela zakhe, sihambe emikhondweni yakhe, ngokuba umthetho uyakuvela eSiyoni, nezwi likaJehova eJerusalema.


nigcwalisiwe kuye, yena oyinhloko yemibuso yonke namandla,


Nginecala kumaGreki nakwabezizwe, kwabahlakaniphileyo nakwabangaqondiyo;


“Mina ngingumvini, nina ningamagatsha; ohlala kimi, nami kuye, lowo uthela izithelo eziningi; ngokuba ngaphandle kwami ningenze lutho.


Abantu bakhona sebebona isilwane silenga esandleni sakhe, bakhuluma bodwa, bathi: “Ngempela lo muntu ungumbulali othi noma esindile elwandle ukuLunga akuvumi ukuba aphile.”


Abantu bakhona basiphatha ngobubele obungavamile, ngokuba babebasa umlilo, basamukela sonke ngenxa yemvula eyayisina nangenxa yamakhaza.


UJesu waphendula, wathi kuye: “Uma umuntu engithanda, uyakugcina izwi lami; uBaba uyakumthanda; siyakuza kuye, sihlale naye.


Ngiyakuzitshalela yena ezweni, ngihawukele ongahawukelwanga, ngithi kwababengesibo abantu bami: ‘Ningabantu bami,’ bona bathi: ‘UnguNkulunkulu wethu.’ ”


Ngokuba umusa wakhe mkhulu kithina; iqiniso likaJehova limi phakade. Haleluya!


Lowo oweqisayo engemi ekufundiseni kukaKristu akanaye uNkulunkulu; ohlezi ekufundiseni lowo unaye uYise neNdodana.


Kepha sazi ukuthi iNdodana kaNkulunkulu isifikile, yasinika ingqondo ukuze simazi oweqiniso; sikuye oweqiniso, kuyo iNdodana yakhe uJesu Kristu. Yena unguNkulunkulu oqinisileyo nokuphila okuphakade.


nazi ukuthi konke okuhle yilowo nalowo akwenzayo, uzakukwamukela okunjalo eNkosini, noma eyinceku noma engokhululekileyo.


uKristu ahlale ezinhliziyweni zenu ngokukholwa, ukuze nigxile, nisekelwe othandweni,


Ngakho-ke uma ngingakwazi okuqondiwe ngokukhulunywayo ngiyakuba ngowezizwe nje kokhulumayo, nokhulumayo abe ngowezizwe kimi.


Jehova, mandla ami nenqaba yami, siphephelo sami ngosuku lokuhlupheka, bayakuza kuwe abezizwe, bevela emajukujukwini omhlaba, bathi: “Obaba badlile ifa lamanga kuphela, okuyize, engekho kukho insizakalo.


Kuyakuthi nilahlukanise ngenkatho, libe yifa lenu nelabafokazi abagogobala phakathi kwenu nabazele abantwana phakathi kwenu. Bona bayakuba njengabokuzalwa ekhaya phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, badle kanye nani ifa phakathi kwezizwe zakwa-Israyeli.


ngisho ukulunga kukaNkulunkulu ngokukholwa nguJesu Kristu kubo bonke abakholwayo; ngokuba akukho mahluko;


Ngokuba yena ungukuthula kwethu, owenza kokubili kwaba kunye, nowabhidliza udonga olwahlukanisayo olungubutha,


ngenyama yakhe ewenzile ize umthetho wemiyalo esezimisweni ukuba adale kuyena labo ababili babe muntu munye omusha, enze ukuthula,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite