Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseKolose 1:29 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

29 engikusebenzelayo futhi, ngilwa ngokusebenza kwakhe okusebenza kimi ngamandla.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

29 engiyisebenzelayo futhi ngokukhandleka, ngilwa ngokusebenza kwakhe okusebenza kimi ngamandla.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

29 Nami ngiyakukhandlekela lokho, ngilwa ngokokusebenza kwakhe okusebenza kimi ngamandla.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

29 Nami ngiyakukhandlekela lokho, ngilwa ngokokusebenza kwakhe okusebenza kimi ngamandla.

Gade chapit la Kopi




KwabaseKolose 1:29
28 Referans Kwoze  

Kepha ngomusa kaNkulunkulu ngiyikho engiyikho, nomusa wakhe kimi awubanga yize, kodwa ngasebenza kakhulu kunabo bonke; kepha akusimina kodwa ngumusa kaNkulunkulu okimi.


nokungubukhulu obumangalisayo bamandla akhe kithina esikholwayo, ngokokusebenza kwamandla akhe amakhulu


engenziwa isikhonzi salo ngokwesipho somusa kaNkulunkulu engiwuphiwe ngokokusebenza kwamandla akhe.


ngokuba nguNkulunkulu osebenza kini nokuthanda nokwenza njengentando yakhe.


makaniphelelise kukho konke okuhle, ukuze nenze intando yakhe, esebenza phakathi kwethu khona lokho okuthokozisayo emehlweni akhe ngoJesu Kristu; makube kuye inkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen.


Ngokuba ngiyathanda ukuba nazi ukuthi kukhulu kangakanani ukulwa enginakho ngenxa yenu nabaseLawodikeya nabo bonke abangabonanga ubuso bami ngamehlo,


asidlanga sinkwa samuntu ngesihle, kodwa sadla ngokukhandleka nangokukhathazeka, sisebenza ubusuku nemini ukuba singasindi muntu kini,


Ngokuba niyakhumbula, bazalwane, ukukhandleka nokushikashikeka kwethu; sisebenza ubusuku nemini, ukuze singasindi noyedwa kinina, sanishumayeza ivangeli likaNkulunkulu.


Uyakhonza kini u-Ephafra ongomunye wakini, inceku kaKristu Jesu, enilwela njalo emikhulekweni, ukuze nime niphelele niqinisekile entandweni yonke kaNkulunkulu.


nibambelele ezwini lokuphila, ngize ngibe nokuzibonga ngosuku lukaKristu ngokuthi angigijimelanga ize, angisebenzelanga ize.


Kepha konke lokho kusetshenzwa nguyena lowo Moya munye, ebabela yilowo nalowo ngokwakhe njengokuthanda kwakhe.


Kanjalo ngangihlose ukushumayela ivangeli kungabi lapho uKristu waziwa khona, ukuze ngingakhi phezu kwesisekelo somunye,


unokubekezela, wakhuthazela ngenxa yegama lami, kawukhathalanga.


Ngalokho ngiyakhuthazela kukho konke ngenxa yabakhethiweyo, ukuze nabo bazuze insindiso ekuKristu Jesu, kanye nenkazimulo yaphakade.


nikukho khona lokho kulwa enakubona kimina, nakalokhu nizwa ukuthi kukimina.


Kuphela hambani ngokufanele ivangeli likaKristu, kuze kuthi, noma ngiza nginibona noma ngingekho, ngizwe izindaba zenu zokuthi nimi niqinile emoyeni munye, nangomphefumulo munye nilwela inkolo yevangeli,


Kepha yena onamandla okwenza okukhulu kakhulu kunakho konke esikucelayo nesikuqondayo ngokwamandla asebenza kithi,


Ngokuba nifuna ubufakazi bokuthi kunguKristu okhulumayo kimi, yena ongebuthakathaka ngakini, kepha unamandla phakathi kwenu.


Bayizikhonzi zikaKristu na? Ngikhulumisa okohlanya – ngiyiso kakhulu kunabo; ekukhandlekeni kakhulu kunabo, nasekuboshweni kaningi kunabo, nasekushayweni okukhulu impela, nasezingozini zokufa ngezikhathi eziningi.


nasekushayweni, nasekuboshweni, naseziyaluyalwini, nasekukhandlekeni, nasekuqwasheni, nasekuzileni ukudla,


Ngalokho futhi, noma sisekhaya noma sahlukene nalo, sihlose ukuba sibe ngabathandeka kuye.


Kukhona imisebenzi yamandla eyahlukeneyo, kepha nguye lowo Nkulunkulu osebenza konke kubo bonke.


Ngiyanincenga, bazalwane, ngenxa yeNkosi yethu uJesu Kristu nangenxa yothando lukaMoya ukuba nilwe kanye nami ekungikhulekeleni kuNkulunkulu,


“Phikelelani ukungena ngomnyango omncinyane; ngokuba ngithi kini: Abaningi bayakufuna ukungena, bahluleke.


Anikamelani nezono nilwa kuze kube segazini;


nimbelwe kanye naye ngombhapathizo, okungawo futhi navuswa kanye naye ngokukholwa ngamandla kaNkulunkulu owamvusa kwabafileyo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite