Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseGalathiya 6:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Kepha makube yilowo nalowo ahlole owakhe umsebenzi, yikhona eyakuba nokubongwa ngokungokwakhe yedwa, kungengokomunye,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 Kepha makube yilowo nalowo ahlole owakhe umsebenzi, khona eyakuzincoma ngawo, angawuqhathanisi nowomunye.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

4 Kodwa yilowo lalowo kahlole owakhe umsebenzi, yikhona ezakuba lokuzibonga yena yedwa, hatshi ngomunye.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Kodwa yilowo lalowo kahlole owakhe umsebenzi, yikhona ezakuba lokuzibonga yena yedwa, hatshi ngomunye.

Gade chapit la Kopi




KwabaseGalathiya 6:4
17 Referans Kwoze  

Zihloleni nina, nibone ukuba nisekukholweni yini, nizivivinye nina. Kanti anizazeli yini ukuthi uJesu Kristu ukinina? Uma kungenjalo, ningabokwaliwa.


Ngivivinye, Jehova, ungilinge; hlolisisa izinso zami nenhliziyo yami.


Kodwa umuntu akazihlolisise, khona-ke akadle lesi sinkwa, aphuze lesi sitsha.


Ngokuba ukuzibonga kwethu yilokhu, okungubufakazi bukanembeza wethu, ukuthi sahamba ezweni kakhulu maqondana nani ngobungcwele nangobuqotho bukaNkulunkulu, kungengokuhlakanipha kwenyama kodwa ngomusa kaNkulunkulu.


UmFarisi wema wazikhulekela ngokuthi: ‘Nkulunkulu, ngiyakubonga ngokuba ngingenjengabanye abantu: izigcwelegcwele, abangalungile, iziphingi, nanjengalo mthelisi.


Ohlehla ngenhliziyo uyasutha ngezindlela zakhe, nomuntu omuhle ngemisebenzi yakhe.


Bheka, uyakungibulala, anginathemba; nokho ngiyakuvikela izindlela zami ebusweni bakhe.


Ngokuba ngisho bona abasokayo nabo kabawugcini umthetho, kodwa bathanda ukuba nisoke, ukuze bazibonge ngenyama yenu.


Otshalayo noniselayo bakunye, kepha yilowo nalowo uyakwamukeliswa owakhe umvuzo ngokomsebenzi wakhe.


Uma umsebenzi womuntu awakhileyo kuso umi, uyakwamukela umvuzo;


ukuze ukuzibonga kwenu ngami kuvame kuKristu Jesu ngokufika kwami futhi kini.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite