Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseGalathiya 6:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Ngokuba uma umuntu ezishaya utho, engelutho, uyazikhohlisa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 Ngokuba uma kukhona ozishaya utho abe engelutho, uyazikhohlisa.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

3 Ngokuba uma umuntu ezishaya utho, engelutho, uyazikhohlisa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngokuba uma umuntu ezishaya utho, engelutho, uyazikhohlisa.

Gade chapit la Kopi




KwabaseGalathiya 6:3
17 Referans Kwoze  

Uyabona umuntu ohlakaniphile emehlweni akhe na? Kukhona ithemba ngesiwula kunaye.


Makungabikho ozikhohlisayo; uma umuntu phakathi kwenu ethi uhlakaniphile kulesi sikhathi, akabe yisiwula, ukuze ahlakaniphe.


Uma umuntu ethi wazi utho, kakazi njengokuba kufanele ukuba azi;


Ngokuba ngomusa engiwuphiweyo ngisho kulowo nalowo phakathi kwenu ukuthi angacabangi athi mkhulu kunalokho afanele ukukucabanga, kodwa acabange kube ngokuqonda, njengalokho uNkulunkulu abele lowo nalowo isilinganiso sokukholwa.


kungesikho ukuthi singaba namandla ngokwethu okucabanga ngotho ukuthi luvela kithi, kodwa amandla ethu avela kuNkulunkulu,


Noma nginokuprofetha, ngiqonda izimfihlakalo zonke nokwazi konke, noma nginokukholwa konke ngangokuba ngingagudluza izintaba, kepha ngingenalo uthando, angiyinto yalutho.


Uma sithi asinasono, siyazikhohlisa, neqiniso alikho kithi.


Manibe nhliziyonye; ningazindli okuphakemeyo, kodwa yaneliswani ngokuphansi. Ningazishayi abahlakaniphileyo.


UmFarisi wema wazikhulekela ngokuthi: ‘Nkulunkulu, ngiyakubonga ngokuba ngingenjengabanye abantu: izigcwelegcwele, abangalungile, iziphingi, nanjengalo mthelisi.


Yibani ngabalenzayo izwi, ningabi ngabalizwayo kuphela, nizikhohlisa.


Njengamafu nomoya ngaphandle kwemvula kodwa, unjalo umuntu ozidumisa ngesipho angasiphiyo.


Uma umuntu esho ukuthi uyikholwa, engabophi ulimi lwakhe kungathi ngetomu kodwa ekhohlisa inhliziyo yakhe, ukukhonza kwalowo kuyize.


Kepha abantu ababi nabakhohlisi bazakuqhubekela phambili ebubini, bedukisa, bedukiswa.


Sengize ngaba yisiwula; nina ningiphoqile. Ngokuba mina kwakufanele ukuba nginconywe yinina. Ngokuba angisilele ngalutho kubaphostoli abaqhamileyo kakhulu, noma ngingento yalutho.


Kepha kwabadumile ngokuthi bayinto – nokuba babe yini, akulutho kimi; uNkulunkulu akakhethi ubuso bamuntu – ngokuba kimi abadumileyo abenezelanga lutho.


Ngokuba ngaphambi kwalezi zinsuku kwasuka uThewuda ezishaya omkhulu; kwanamathela kuye amadoda angathi amakhulu amane; wabulawa yena nabo bonke abamlalelayo, bachitheka, baphela.


bathi ukubona umusa engiwuphiweyo, oJakobe noKhefase noJohane, ababaziswa ngokuthi bayizinsika, banika mina noBarnaba isandla sokunene sokuhlangana ukuba thina siye kwabezizwe, kepha bona baye kwabasokayo,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite