Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseGalathiya 6:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Bonke abafuna ukubukeka enyameni, yibona abaniphoqela ukusoka, kuphela ukuba bangayikuzingelwa ngenxa yesiphambano sikaKristu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 Yilabo abafuna ukuzibonakalisa enyameni, abaniphoqa ukuba nisoke kuphela nje, ukuze bangazingelwa ngenxa yesiphambano sikaKhristu.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

12 Bonke abafuna ukubonakala bebahle enyameni, yibona abanicindezela ukuba nisokwe; kuphela funa bazingelwe ngenxa yesiphambano sikaKristu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Bonke abafuna ukubonakala bebahle enyameni, yibona abanicindezela ukuba nisokwe; kuphela funa bazingelwe ngenxa yesiphambano sikaKristu.

Gade chapit la Kopi




KwabaseGalathiya 6:12
22 Referans Kwoze  

Kepha mina, bazalwane, uma ngisashumayela ukusoka, ngisazingelelwani na? Ngabe siphelile isikhubekiso sesiphambano.


ezinegama lokuhlakanipha kambe ngokuzikhethela inkonzo, nangokuzithoba, nangokuhlupha umzimba; akusizi lutho maqondana nokuzithiba kwenyama.


Ngokuba abanjalo bangabaphostoli bamanga, izisebenzi ezikhohlisayo, beziguqula abaphostoli bakaKristu.


Kwehla abathile eJudiya, bafundisa abazalwane ukuthi: “Uma ningasokwa ngomthetho kaMose, ningesindiswe.”


Kepha ngisho noThithu owayenami engumGreki kaphoqwanga ukuba asoke.


Wayesethi kubo: “Nina ningabazishaya abalungileyo emehlweni abantu; kepha uNkulunkulu uyazazi izinhliziyo zenu, ngokuba lokho okuphakemeyo phakathi kwabantu kuyisinengiso emehlweni kaNkulunkulu.


Ngokuba abaningi, enganitshela kaningi ngabo namanje nginitshela nangezinyembezi, bahamba beyizitha zesiphambano sikaKristu,


yilowo nalowo angabheki okwakhe, kepha yilowo abheke nokwabanye.


Abanye kambe bashumayela uKristu ngomhawu nangombango kepha abanye ngenhliziyo enhle;


Ngokuba ngisho bona abasokayo nabo kabawugcini umthetho, kodwa bathanda ukuba nisoke, ukuze bazibonge ngenyama yenu.


Kepha kuthe sengibonile ukuthi kabahambisi ngokweqiniso levangeli, ngathi kuKhefase phambi kwabo bonke: “Uma wena ongumJuda uhamba ngokwabezizwe, ungahambi ngokwabaJuda, ubaphoqa kanjani abezizwe ukuba bahambe ngokwabaJuda na?


Ngokuba asinasibindi sokuzilinganisa nokuzifanisa nabathile babo abazincomayo. Kodwa bona, nxa bezilinganisa ngezingqobo zabo, bezifanisa nezingqobo zabo, kaba namqondo.


Kepha kwasukuma abathile behlelo labaFarisi abakholwayo, bathi kumelwe ukuba basokwe, bayalwe ukugcina umthetho kaMose.


Okhuluma ngokwakhe ufuna udumo lwakhe; kepha ofuna udumo lomthumileyo lowo uqinisile; akukho ukungalungi kuye.


abadla izindlu zabafelokazi, bekhuleka isikhathi eside ngokuzenzisa; laba bayakwamukeliswa ukulahlwa okukhulu.”


Kanjalo nani ngaphandle nibonakala kubantu nilungile, kanti ngaphakathi nigcwele ukuzenzisa nobubi.


“Kepha imisebenzi yonke yabo bayenza ukuba babonwe ngabantu; amafilakteriyu* abo bawenza abe banzi, bawenze abe makhulu amachopho.


Futhi nxa nizila ukudla, ninganyukumali njengabazenzisi; ngokuba bona banyakamisa ubuso babo, ukuze babonakale kubantu ukuthi bazilile. Ngiqinisile ngithi kini: Sebewamukele umvuzo wabo.


“Ngakho-ke nxa wabela isipho, ungakhalisi icilongo phambi kwakho, njengalokhu kwenza abazenzisi emasinagogeni* nasemigwaqweni ukuba badunyiswe ngabantu. Ngiqinisile ngithi kini: Sebewamukele umvuzo wabo.


“Nalapho nikhuleka, ningabi njengabazenzisi, ngokuba bethanda ukukhuleka bemi emasinagogeni* nasezinhlanganweni zezindlela ukuba babonwe ngabantu. Ngiqinisile ngithi kini: Sebewamukele umvuzo wabo.


Babusisiwe abazingelwa ngenxa yokulunga, ngokuba umbuso wezulu ungowabo.


“Maye kinina babhali nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nifana namaliba acakiweyo abonakala emahle ngaphandle, kanti ngaphakathi agcwele amathambo abafileyo nokungcola konke!


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite