Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseGalathiya 5:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Nginethemba ngani eNkosini ukuthi aniyikuba nawo omunye umqondo; kepha onikhathazayo uyakuthwala ukwahlulelwa kwakhe, noma engubani.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 Nginethemba ngani eNkosini ukuthi aniyukucabanga ngenye indlela. Kepha noma ngabe ngubani lowo onikhathazayo, uyakuthwala ukwehlulelwa.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

10 Ngilethemba ngani eNkosini, ukuthi aniyikucabanga ngenye indlela;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Ngilethemba ngani eNkosini, ukuthi aniyikucabanga ngenye indlela;

Gade chapit la Kopi




KwabaseGalathiya 5:10
28 Referans Kwoze  

Sengathi bangazihuna abaninyakazisayo.


Ngakho-ke thina sonke esiphelele masibe nokuqonda okunjalo; kepha uma kokuthile niqonda ngokunye, nalokho uNkulunkulu uyakunambulela khona,


elingesilo elinye, kuphela ukuba bakhona abanididayo, bethanda ukuphendukezela ivangeli likaKristu.


Ngakuloba khona lokho, funa kuthi ekufikeni kwami ngithole ukudabuka ngalabo ebengifanele ukuthokoza ngabo, nginethemba ngani nonke ukuthi okwami ukuthokoza kungokwenu nonke.


abakubona oHimenewu no-Aleksandru engibanikele kuSathane, ukuze balaywe ukuba bangahlambalazi.


Mangingabe ngisakhathazwa muntu, ngokuba ngiphethe emzimbeni wami izimpawu zikaJesu.


Banishisekela ngokungekuhle, yebo, bafuna ukunivalela ngaphandle, ukuze nishisekele bona.


O nina maGalathiya angaqondiyo! Ngubani oniloyileyo nina enalotshelwa phambi kwamehlo enu umfanekiso kaJesu Kristu ebethelwe esiphambanweni na?


Kepha kwabadumile ngokuthi bayinto – nokuba babe yini, akulutho kimi; uNkulunkulu akakhethi ubuso bamuntu – ngokuba kimi abadumileyo abenezelanga lutho.


Kepha kwaba ngenxa yabazalwane bamanga abangeniswa ngasese, abangena ngokunyenya, bezakuhlola ukukhululeka kwethu esinakho kuKristu Jesu, ukuze basenze izigqila,


futhi silungele ukujezisa ukungalaleli konke, nxa sekuphelele ukulalela kwenu.


onjalo anikelwe kuSathane kukho ukubhubha kwenyama, ukuze umoya usindiswe ngosuku lweNkosi uJesu.


Njengalokho sizwile ukuthi abanye abavela kithi banikhathazile ngamazwi, benyakazisa imiphefumulo esingabayalelanga khona,


Ngikulobele ngokwethemba ukulalela kwakho, ngazi ukuthi uzakwenza nokungaphezu kwengikushoyo.


Siyethemba eNkosini ngani ukuthi lokhu esiniyala ngakho niyakwenza nokuthi nizakukwenza.


kepha bengingathanda ngibe khona kini manje, ngiguqule izwi lami, ngokuba ngididekile ngani.


Nginovalo ngani ukuthi mhlawumbe nginihluphekele ngeze.


Ngalokho ngiloba lezi zinto ngingekho, ukuze, nxa ngikhona, ngingenzi kabukhali ngokwamandla eyanginika wona iNkosi, kube ngawokwakha, kungabi ngawokubhidliza.


ngiyacela ukuba, nxa ngikhona, kungasweleki ukuba ngibasukele ngesibindi engiqonde ukuba naso kwabanye abasho ngathi ukuthi sihamba ngokwenyama.


Kepha sithumele kanye nabo umzalwane wethu esimfumene kaningi ekhuthele ezintweni eziningi, kepha manje ukhuthele kakhulu ngenxa yokunethemba kwakhe okukhulu.


Ngiyathokoza, ngokuba ezintweni zonke nginethemba ngani.


Kanjalo thina asisayikwazi umuntu ngokwenyama; nokuba besimazi uKristu ngokwenyama, nokho manje asisamazi.


Kumanele onjalo lokho kujeziswa ajeziswa ngakho ngabaningi;


Nginalelo themba ngangifuna ukuza kini kuqala, ukuze nithole umusa ngokwesibili,


Benigijima kahle; pho, nithiywe ngubani ukuba ningalaleli iqiniso na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite