Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseGalathiya 4:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Kepha ngaleso sikhathi ningamazi uNkulunkulu naniyizigqila phansi kwalabo abangesibo onkulunkulu ngemvelo;

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 Ngesikhathi ningakamazi uNkulunkulu, naniyizigqila zonkulunkulu mbumbulu.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

8 Kepha-ke, lapho ningamazi uNkulunkulu, nanikhonza labo abangesibo onkulunkulu ngokwemvelo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Kepha-ke, lapho ningamazi uNkulunkulu, nanikhonza labo abangesibo onkulunkulu ngokwemvelo.

Gade chapit la Kopi




KwabaseGalathiya 4:8
31 Referans Kwoze  

Ngakho-ke maqondana nokudla okuhlatshelwe izithombe siyazi ukuthi asikho isithombe ezweni nokuthi akakho omunye uNkulunkulu, munye kuphela.


elangabini lomlilo, ephindisela kwabangamazi uNkulunkulu nakwabangalaleli ivangeli leNkosi yethu uJesu,


kungabi ngokushisa kwenkanuko njengabezizwe abangamazi uNkulunkulu


Ngokuba bona uqobo balanda ngathi ukuthi kwaba njani ukungena kwethu kinina nokuthi naphendukela kanjani kuNkulunkulu, nishiya izithombe, ukuba nikhonze uNkulunkulu ophilayo oweqiniso,


Ngokuba isikhathi esidlulileyo sasanele ukwenza okuthandwa ngabezizwe ngokuhamba ngamanyala, nangezinkanuko, nangokudakwa, nangokuminza, nangokuxokozela, nangokukhonza izithombe okuyichilo.


Ngokuba njengalokho ekuhlakanipheni kukaNkulunkulu izwe alimazanga uNkulunkulu ngokuhlakanipha kwalo, kwaba kuhle kuNkulunkulu ukusindisa abakholwayo ngobuwula bentshumayelo.


alahlile onkulunkulu bawo emlilweni, ngokuba babengesibo onkulunkulu, babe ngumsebenzi wezandla zomuntu kuphela, umuthi namatshe; ngalokho abachithile.


Anixoshanga yini abapristi bakaJehova, amadodana ka-Aroni namaLevi, nazenzela abapristi ngendlela yabantu bezizwe; bonke abafika ukwahlukaniselwa, bephethe iduna nezinqama eziyisikhombisa, bangaba ngabapristi babangesibo onkulunkulu.


behlwelwe emqondweni, behlukanisiwe nokuphila kukaNkulunkulu ngokungazi okukubo ngenxa yobulukhuni benhliziyo yabo,


Niyazi ukuthi nisengabezizwe naholekela kuzo izithombe eziyizimungulu, nakuba naholwa kanjalo.


Thulula ukufutheka kwakho phezu kwabezizwe abangakwaziyo naphezu kwemindeni engalibizi igama lakho, ngokuba bamdlile uJakobe; yebo, bamdlile bamqeda, balichitha ikhaya lakhe.


Uma kukubi emehlweni enu ukumkhonza uJehova, khethani namuhla ukuthi ngubani eniyakumkhonza, noma onkulunkulu ababakhonzayo oyihlo besengaphesheya koMfula,* noma onkulunkulu bama-Amori enihlala ezweni lawo; kepha mina nendlu yami siyakumkhonza uJehova.”


UJoshuwa wathi kubantu bonke: “Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Oyihlo bahlala endulo ngaphesheya koMfula,* uThera uyise ka-Abrahama noyise kaNahori, bakhonza abanye onkulunkulu.


Wathi uFaro: “Ngubani uJehova ukuba ngilalele izwi lakhe, ngimyeke u-Israyeli ukuba ahambe na? Angimazi uJehova, futhi angiyikumvumela u-Israyeli ukuba ahambe.”


Bhekani uthando olungaka asinike lona uBaba lokuba sithiwe singabantwana bakaNkulunkulu; futhi siyibo. Ngalokho izwe alisazi, ngokuba alimazanga yena.


Nanjengalokho bengakunakanga ukumazi uNkulunkulu, uNkulunkulu wabanikela engqondweni yokunganaki ukwenza okungafanele,


Ngokuba kwathi ngihamba ngibuka izinto enizikhonzayo, ngafumana ne-altare okulotshwe kulo ukuthi: ELIKANKULUNKULU ONGAZIWAYO. Lokho-ke enikukhonza ningakwazi, yikho engikumemezela kini.


UBarnaba bambiza ngokuthi uJupitheri, uPawulu ngokuthi uMerkuriyu, ngokuba kwakunguye owayehola ekukhulumeni.


Wayekhona ezweni, izwe lavela ngaye; kepha izwe alimazanga.


Isizwe sike senana ngawonkulunkulu abangesibo onkulunkulu na? Kepha abantu bami benanile udumo lwabo ngokungenakusiza.


nenkazimulo kaNkulunkulu ongabhubhiyo bayiguqula ifane nomfanekiso womuntu obhubhayo, owezinyoni, nowezilwane ezinezinyawo ezine nezinwabuzelayo.


“Ngingakuthethelela kanjani na? Abantwana bakho bangishiyile, bafunga okungesibo onkulunkulu. Ngabafungisa, kepha baphinga, babuthana endlini yezifebe.


Umuntu angazenzela onkulunkulu na? Labo abasibo onkulunkulu.”


Kanjalo nathi, lapho siseyizingane, sasisebugqileni phansi kwezifundiso zobungane zezwe;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite