Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseGalathiya 4:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Lokhu ningamadodana, uNkulunkulu uthumile uMoya weNdodana yakhe ezinhliziyweni zenu omemeza ethi: “Aba, Baba!”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 Lokhu ningamadodana, uNkulunkulu uthumele uMoya weNdodana yakhe ezinhliziyweni zethu, omemeza ethi: “Abba, Baba!”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

6 Ngokuba ningamadodana, uNkulunkulu uthumile uMoya weNdodana yakhe ezinhliziyweni zenu omemeza ethi: “Aba, Baba!

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Ngokuba ningamadodana, uNkulunkulu uthumile uMoya weNdodana yakhe ezinhliziyweni zenu omemeza ethi: “Aba, Baba!

Gade chapit la Kopi




KwabaseGalathiya 4:6
30 Referans Kwoze  

ithemba alijabhisi, ngokuba uthando lukaNkulunkulu lutheliwe ezinhliziyweni zethu ngoMoya oNgcwele esimuphiweyo.


Kepha nina anisenyameni, kodwa nikuye uMoya, uma uMoya kaNkulunkulu ehlala kini. Kepha uma umuntu engenaye uMoya kaKristu, lowo kasiye owakhe.


ngokuba ngiyazi ukuthi lokhu kuyakungenzela ukusindiswa ngokunxusa kwenu nangokusiza kukaMoya kaJesu Kristu,


Ngokuba ngaye sinokungena sobabili ngoMoya munye kuYise.


INkosi inguye uMoya; kepha lapho uMoya weNkosi ekhona, kukhona inkululeko.


Ningamdabukisi uMoya oNgcwele kaNkulunkulu enabekwa uphawu ngaye kuze kube lusuku lokuhlengwa.


Kepha nina bathandekayo, yakhelanani ekukholweni kwenu okungcwele kakhulu, nikhuleke ngoMoya oNgcwele,


Kodwa mina nginitshela iqiniso lokuthi kunilungele ukuba ngimuke; ngokuba uma ngingamuki, uMduduzi kayikuza kini; kepha uma ngimuka, ngiyakumthumela kini.


Ngiyakucela kuBaba aniphe omunye uMduduzi wokuba ahlale kini phakade,


Ngakho-ke uma nina eningababi nikwazi ukubapha abantwana benu izipho ezinhle, kakhulu kangakanani uYihlo osezulwini uzakubapha abacela kuye uMoya oNgcwele.”


owasibeka nophawu nowasipha isibambiso esinguMoya ezinhliziyweni zethu.


“Nxa esefikile uMduduzi engiyakumthumela kini evela kuBaba, uMoya weqiniso, ophuma kuBaba, nguyena oyakufakaza ngami.


Wayesethi kubo: “Nxa nikhuleka, anothi: “ ‘Baba wethu osezulwini, malingcweliswe igama lakho; mawufike umbuso wakho; mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini;


Ngokuba lowo uNkulunkulu amthumileyo ukhuluma amazwi kaNkulunkulu; ngokuba akaniki uMoya ngokulinganisela.


Awusand' ukukhala kimi ukuthi: ‘Baba, wena ungumngane wobusha bami, na?


bephenya ukuthi yisiphi nokuba sinjani isikhathi asikhombayo uMoya kaKristu owayekubo, efakaza ngaphambili ngezinhlupheko eziqondene noKristu nangenkazimulo eyakulandela zona;


ngokukhuleka konke nokunxusa, nikhuleka ngezikhathi zonke ngoMoya; kulokho nilinde ngesineke sonke nangokunxusela abangcwele bonke,


“Mina bengithi: “ ‘Ngiyakukubeka kanjani phakathi kwabantwana, ngikuphe izwe elinxanelekayo, ifa elihle kakhulu ezizweni!’ Ngathi: Niyakungibiza ngokuthi ‘Baba’, ningabuyi ekungilandeleni.


Ngase ngiwa phansi phambi kwezinyawo ukukhuleka kuyo. Yayisithi kimi: “Musa; ngiyinceku kanye nawe nabazalwane bakho abaphethe ubufakazi bukaJesu; khuleka kuNkulunkulu. Ngokuba ubufakazi bukaJesu bungumoya wokuprofetha.”


kuye nani esenizwile izwi leqiniso, ivangeli lokusindiswa kwenu, enakholwa nguye futhi, nani nabekwa uphawu olunguMoya oNgcwele wesithembiso


Kanjalo futhi kulotshiwe ukuthi umuntu wokuqala u-Adamu waba ngumphefumulo ophilayo; u-Adamu wokugcina waba ngumoya ophilisayo.


sebefikile ngaseMisiya, balinga ukuya eBithiniya, kepha uMoya kaJesu akabavumelanga.


Washo lokho ngoMoya abazakumamukela abakholwa nguye, ngokuba uMoya wayengakafiki, lokhu uJesu wayengakakhazimuliswa.


Wathi: “Aba, Baba, konke kungenzeka kuwe; ake ususe kimi lesi sitsha, kepha kungabi njengokuba ngithanda mina, kodwa njengokuba uthanda wena.”


Ngakho-ke owalayo akali umuntu, kepha wala uNkulunkulu, yena oninika uMoya wakhe oNgcwele.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite