Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseGalathiya 4:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 ukuze ihlenge abaphansi komthetho ukuba samukele ukuma kwamadodana.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 ukuze ikhulule labo abaphansi komthetho, samukele ukuba ngamadodana.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

5 ukuze ahlenge abaphansi komthetho, ukuze samukele ukuma kwamadodana.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Ukuze ahlenge abaphansi komthetho, ukuze samukele ukuma kwamadodana.

Gade chapit la Kopi




KwabaseGalathiya 4:5
26 Referans Kwoze  

Ngalokho-ke ungumlamuleli wesivumelwano esisha, kuze kuthi ngokufa okungenxa yokukhululwa eziphambekweni zesivumelwano sokuqala ababiziweyo bazuze ifa eliphakade elathenjiswayo.


wasimisela ngaphambili ukuba sibe ngabantwana kuye ngoJesu Kristu, njengalokho kwaba kuhle kuye ngentando yakhe,


esinokuhlengwa kuye ngegazi lakhe, ukuthethelelwa kwezono ngokwengcebo yomusa wakhe


Ahlabelela igama elisha, athi: “Ufanele wena ukuyithabatha incwadi nokuvula izimpawu zayo, ngokuba wahlatshwa, wabathengela uNkulunkulu ngegazi lakho abavela kuyo yonke imindeni, nezilimi, nabantu, nezizwe,


wangena kanye kuphela endaweni engcwele, kungengegazi lezimbuzi nelamathole kepha ngegazi lakhe, ezuzile ukukhululwa okuphakade.


UKristu wasihlenga esiqalekisweni somthetho, ebenziwe isiqalekiso ngenxa yethu, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Baqalekisiwe bonke abalenga emthini,”


akusikho lokho kuphela, kepha nathi uqobo lwethu esinolibo lukaMoya siyabubula phakathi kwethu, silindele isimo sobuntwana, ukukhululwa komzimba wethu.


Njalo-ke awuseyiyo inceku, kepha usuyindodana; kepha uma uyindodana, uyindlalifa futhi ngaye uNkulunkulu.


Ngokuba nonke ningabantwana bakaNkulunkulu ngokukholwa kuKristu.


bona bangabakwa-Israyeli, okungesabo isimo sobuntwana nenkazimulo, nezivumelwano, nokumiswa komthetho, nenkonzo, nezithembiso,


Kepha bonke abamamukelayo wabapha amandla okuba babe ngabantwana bakaNkulunkulu, labo abakholwa egameni lakhe,


owazinikela ngenxa yethu, ukuze asihlenge ebubini bonke, asihlambulule isizwe esingesakhe, sishisekele imisebenzi emihle.


Ngokuba ukulangazela kokudaliweyo kulindele ukwambulwa kwabantwana bakaNkulunkulu.


nihambe othandweni, njengalokho uKristu wanithanda, wazinikela ngenxa yethu, abe ngumnikelo nomhlatshelo, abe yiphunga elimnandi kuNkulunkulu.


Ngitsheleni nina enithanda ukuba phansi komthetho, aniwuzwa yini umthetho na?


“Mayibongwe iNkosi, uNkulunkulu ka-Israyeli, ngokuba ibahambele abantu bayo, yabenzela inkululeko.


Yona ethi ingukumenyezela kwenkazimulo yakhe, ifuze yena uqobo, iphasa konke ngezwi lamandla ayo, isiyenzile ukuhlanzwa kwezono, yahlala ngakwesokunene soMkhulu kweliphezulu,


njengalokho iNdodana yomuntu ingezelanga ukukhonzwa kepha ukukhonza nokunikela ukuphila kwayo, kube yisihlengo sabaningi.”


Ziqapheleni nina nomhlambi wonke anibeke kuwo uMoya oNgcwele ukuba nibe ngababonisi bokwalusa ibandla likaNkulunkulu azizuzele lona ngegazi lakhe.


Ngokuba naye uKristu wahlupheka kwaba kanye ngezono, olungileyo ngenxa yabangalungile, ukuba asiyise kuNkulunkulu, ebulawa enyameni kepha ephiliswa emoyeni,


Bahlabelela igama elisha phambi kwesihlalo sobukhosi, naphambi kwezidalwa ezine, namalunga; kepha akubangakho onamandla okufunda lelo gama, kuphela abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amane nane abathengiweyo emhlabeni.


Ngokuba bonke abaholwa nguMoya kaNkulunkulu, labo bangabantwana bakaNkulunkulu.


Ngokuba anamukeliswanga umoya wobugqila ukuba nibuye nesabe, kepha namukeliswa umoya wobuntwana esimemeza ngaye sithi: “Aba, Baba!”


Ngokuba isiphetho somthetho nguKristu, kube ngukulunga kubo bonke abakholwayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite