Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseGalathiya 4:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Kanjalo nathi, lapho siseyizingane, sasisebugqileni phansi kwezifundiso zobungane zezwe;

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 Nathi ngokunjalo, siseyizingane, sasiyizigqila phansi kwezimfundiso zomhlaba.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

3 Ngokunjalo lathi, siseyizingane, sasisezigqilini ngaphansi kokucathula kwezwe;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngokunjalo lathi, siseyizingane, sasisezigqilini ngaphansi kokucathula kwezwe;

Gade chapit la Kopi




KwabaseGalathiya 4:3
20 Referans Kwoze  

Uma nifile kanye noKristu nakhululwa ezifundisweni zokucathula kwezwe, yini ukuba okungathi nisaphila ngokwezwe nithobele izifundiso zokuthi:


Xwayani funa kube khona onithumbayo ngokuhlakanipha nangenkohliso eyize njengokwemvelo yabantu, njengezifundiso zokucathula kwezwe, kungenjengokukaKristu.


kepha manje, njengalokhu senimazi uNkulunkulu, yebo, phezu kwalokho, niyaziwa nguNkulunkulu, kukanjani ukuba nibuyele ezifundisweni zobungane ezilulana nezingelutho, enithanda ukuphinda nibe yizigqila zazo na?


Kepha kwaba ngenxa yabazalwane bamanga abangeniswa ngasese, abangena ngokunyenya, bezakuhlola ukukhululeka kwethu esinakho kuKristu Jesu, ukuze basenze izigqila,


Ngakho-ke, bazalwane, asisibo abantwana besigqilakazi, singabokhululekileyo.


Manje-ke nimlingelani uNkulunkulu ngokubeka ijoka entanyeni yabafundi, obaba nathi esasingenamandla okulithwala na?


Ngokuba anamukeliswanga umoya wobugqila ukuba nibuye nesabe, kepha namukeliswa umoya wobuntwana esimemeza ngaye sithi: “Aba, Baba!”


Khona uJesu wathi kubaJuda abase bekholiwe nguye: “Uma nimi ezwini lami, ningabafundi bami isibili;


ongamiswanga ngomthetho womyalo wenyama kodwa ngamandla okuphila okungabhubhiyo.


Kepha uHagari lo uyintaba yaseSinayi e-Arabiya, eqondene neJerusalema lakalokhu, ngokuba lisebugqileni nabantwana balo.


Pho, umthetho uyini na? Wenezelwa ngenxa yeziphambeko, kuze kufike inzalo enikiwe isithembiso, umisiwe ngezingelosi, ngesandla somlamuleli.


“Zanini kimi nina nonke enikhatheleyo nenisindwayo, mina ngizakuniphumuza.


Ngokuba siyazi ukuthi umthetho ungowomoya; kepha mina ngingowenyama, othengisiwe phansi kwesono.


ngokuba niyabekezela, uma umuntu enenza izigqila, uma enidla, uma enibamba, uma ezikhukhumeza, uma enishaya ebusweni.


kodwa iphansi kwabaphathi nababonisi, kuze kube yisikhathi esamiswa nguyise ngaphambili.


Kepha ngaleso sikhathi ningamazi uNkulunkulu naniyizigqila phansi kwalabo abangesibo onkulunkulu ngemvelo;


Lokhu kungukufanekisa; ngokuba laba bayizivumelwano ezimbili, esinye ngesasentabeni yaseSinayi, esizalela ubugqila, esinguHagari.


Ngokuba noma benifanele ukuba nibe ngabafundisi, uma kuya ngesikhathi, nisadinga futhi ukuba kube khona onifundisa iziqalo zezifundiso zamazwi kaNkulunkulu; senaba ngabadinga ubisi, kungesikho ukudla okuqinileyo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite