Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseGalathiya 3:22 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Kepha umbhalo uvalele konke phansi kwesono, ukuze isithembiso ngokukholwa nguJesu Kristu siphiwe abakholwayo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

22 Kepha umbhalo ukuvalela konke phansi kwesono, ukuze isithembiso ngokukholwa kuJesu Khristu samukeliswe labo abakholwayo.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

22 Kepha umbhalo uvalile konke phansi kwesono, ukuze isithembiso ngokukholwa nguJesu Kristu siphiwe abakholwayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Kepha umbhalo uvalile konke phansi kwesono, ukuze isithembiso ngokukholwa nguJesu Kristu siphiwe abakholwayo.

Gade chapit la Kopi




KwabaseGalathiya 3:22
31 Referans Kwoze  

Ngokuba uNkulunkulu ubavalele bonke ekungalalelini ukuze abahawukele bonke.


Ngalokho-ke ungumlamuleli wesivumelwano esisha, kuze kuthi ngokufa okungenxa yokukhululwa eziphambekweni zesivumelwano sokuqala ababiziweyo bazuze ifa eliphakade elathenjiswayo.


Kepha kungakafiki ukukholwa, sasigcinwa phansi komthetho, sivalelwe kuze kufike ukukholwa obekuzakwambulwa.


Yilesi isithembiso yena asethembisa sona: ukuphila okuphakade.


Okholwa yiNdodana unokuphila okuphakade; kepha ongakholwa yiNdodana kayikubona ukuphila, kodwa intukuthelo kaNkulunkulu ihlezi phezu kwakhe.”


Ngize ezweni ngingukukhanya ukuba yilowo nalowo okholwa yimi angahlali ebumnyameni.


“Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Ozwa izwi lami, akholwe ngongithumileyo, unokuphila okuphakade; akayi ekwahlulelweni, kepha usephumile ekufeni, wangena ekuphileni.


Ungangeni ekwahluleleni nenceku yakho, ngokuba akukho muntu okhona olungile emehlweni akho.


Kepha siyalindela ngesithembiso sakhe amazulu amasha nomhlaba omusha okukhona kuwo ukulunga.


esiphiwe ngakho izithembiso eziyigugu nezikhulukazi, ukuze ngazo nibe ngabahlanganyeli nesimo sobuNkulunkulu, nibalekele ukubhubha okusezweni ngezinkanuko,


UPawulu, umphostoli kaKristu Jesu ngentando kaNkulunkulu ngokwesithembiso sokuphila okukuKristu Jesu,


Kepha uma ningabakaKristu, seniyinzalo ka-Abrahama, niyizindlalifa ngokwesithembiso.


Ngokuba uma uvuma ngomlomo wakho ukuthi uJesu uyiNkosi, ukholwa enhliziyweni yakho ukuthi uNkulunkulu wamvusa kwabafileyo, uyakusindiswa;


Ngakho-ke njengalokho isono sangena ezweni ngamuntu munye, nangesono kwangena ukufa, ngokunjalo ukufa kwafikela abantu bonke, lokhu bonke bonile;


ngokuba bonke bonile, basilalelwe inkazimulo kaNkulunkulu;


Bona bathi: “Kholwa yiNkosi uJesu, yikhona uzakusindiswa wena nendlu yakho.”


Kodwa lezi zilotshiwe ukuba nikholwe ukuthi uJesu unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu, nokuba nikholwe, nibe nokuphila egameni lakhe.


Ngokuba lokhu kuyintando kaBaba ukuba yilowo nalowo obona iNdodana, akholwe yiyo, abe nokuphila okuphakade; ngiyakumvusa mina ngomuhla wokuphela.”


Kepha ngisho lokhu ukuthi isivumelwano esaqiniswa nguNkulunkulu ngaphambili, umthetho owavela emva kweminyaka engamakhulu amane namashumi amathathu, awusesuli, uze usichithe isithembiso;


ukuba isibusiso sika-Abrahama ngoKristu Jesu sifike kubo abezizwe, ukuze samukeliswe isithembiso sikaMoya ngokukholwa.


Okholwayo abhapathizwe uyakusindiswa, kepha ongakholwayo uyakulahlwa.


ngisho ukulunga kukaNkulunkulu ngokukholwa nguJesu Kristu kubo bonke abakholwayo; ngokuba akukho mahluko;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite