Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseGalathiya 3:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Kepha ukuthi ngomthetho akukho muntu olungisiswayo phambi kukaNkulunkulu kusobala, ngokuba olungileyo uzakuphila ngokukholwa;

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 Kusobala manje ukuthi akekho umuntu olungisiswa ngomthetho phambi kukaNkulunkulu, ngokuba olungileyo uzakuphila ngokukholwa.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

11 Kodwa ukuthi ngomthetho kakho olungisiswayo phambi kukaNkulunkulu, kusobala, ngoba olungileyo uzaphila ngokukholwa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Kodwa ukuthi ngomthetho kakho olungisiswayo phambi kukaNkulunkulu, kusobala, ngoba olungileyo uzaphila ngokukholwa.

Gade chapit la Kopi




KwabaseGalathiya 3:11
20 Referans Kwoze  

“Bheka, umphefumulo wakhe uziphakamisile, awuqotho phakathi kwakhe, kepha olungileyo uzakuphila ngokukholwa kwakhe.


Ngokuba ukulunga kukaNkulunkulu kwambulwa kulo, kuvela ekukholweni, kuyisa ekukholweni, njengokulotshiweyo ukuthi: “Olungileyo uzakuphila ngokukholwa.”


kepha olungileyo wami uyakuphila ngokukholwa; kepha uma ehlehla nyovane, umphefumulo wami awunakuthokoza ngaye.


kepha lokhu sazi ukuthi umuntu akalungisiswa ngemisebenzi yomthetho, kuphela ngokukholwa nguKristu Jesu, nathi sakholwa nguKristu Jesu ukuba silungisiswe ngokukholwa nguKristu kungengemisebenzi yomthetho; ngokuba ngemisebenzi yomthetho akuyikulungisiswa nyama.


Ngokuba akukho muntu emhlabeni olungileyo kangaka ukuba enze okuhle, angoni.


Ahlabelela igama elisha, athi: “Ufanele wena ukuyithabatha incwadi nokuvula izimpawu zayo, ngokuba wahlatshwa, wabathengela uNkulunkulu ngegazi lakho abavela kuyo yonke imindeni, nezilimi, nabantu, nezizwe,


Thina sonke sidukile njengezimvu; yilowo nalowo uphendukele endleleni yakhe; uJehova wehlisela phezu kwayo ububi bethu sonke.


Ngalokho ngiyazinenga, ngizisole othulini nasemlotheni.”


Ngokuba sonke siyakhubeka ngokuningi; uma umuntu engakhubeki ngazwi, lowo uyindoda epheleleyo enamandla okubamba nomzimba wonke kungathi ngetomu.


Sonke saba njengongcolileyo, nokulunga kwethu konke kwakunjengengubo enindiweyo; sabuna sonke njengeqabunga, nobubi bethu basisusa njengomoya.


Ngase ngithi: “Maye kimi! Ngokuba ngiphelile, lokhu ngingumuntu ozindebe zakhe zingcolile, futhi ngihlezi phakathi kwabantu abazindebe zabo zingcolile, ngokuba amehlo ami abonile iNkosi uJehova Sebawoti.”


Ngubani owazi iziphosiso zakhe na? Ngithethelele kwezisithekileyo.


“Bheka, angiyinto yalutho; ngingakuphendula ngokuthini na? Ngibeka isandla sami emlonyeni wami.


Uma efuna ukuthetha amacala naye, angemphendule nakwelilodwa kwayinkulungwane.


“Uma bona kuwe – ngokuba akukho muntu ongoniyo – bese wubathukuthelela wena, ubanikele esitheni, ukuze ababathumbayo babamukisele ezweni lesitha, likude noma liseduze,


Ungangeni ekwahluleleni nenceku yakho, ngokuba akukho muntu okhona olungile emehlweni akho.


Ukukhonza okumhlophe okungenabala phambi kukaNkulunkulu uBaba yilokhu ukuhambela izintandane nabafelokazi osizini lwabo nokuzigcina kungabi yicala lokwezwe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite