Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseGalathiya 2:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Kepha kwabadumile ngokuthi bayinto – nokuba babe yini, akulutho kimi; uNkulunkulu akakhethi ubuso bamuntu – ngokuba kimi abadumileyo abenezelanga lutho.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 Kodwa kulabo abacabanga ukuthi bawutho, nokuthi babe yini, kwakungelutho lokho kimi, ngokuba uNkulunkulu akakhethi buso bamuntu, ngokuba kimi labo abazibona beqavile, abanezelelanga lutho.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

6 Kodwa kulaba abathi banje, (loba babeyini, kakunandaba kimi, uNkulunkulu kakhethi ubuso bamuntu;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Kodwa kulaba abathi banje, (loba babeyini, kakunandaba kimi, uNkulunkulu kakhethi ubuso bamuntu;

Gade chapit la Kopi




KwabaseGalathiya 2:6
22 Referans Kwoze  

Kepha ngenyukela ngambulelwe; ngabalandisa ivangeli engilishumayela phakathi kwabezizwe, kepha phambi kwabadumileyo bebodwa, funa mhlawumbe kungaba ngukuthi ngigijimela ize, noma sengagijimela ize.


Khona uPetru wavula umlomo, wathi: “Nembala ngiyabona ukuthi uNkulunkulu akabheki ubuso bamuntu,


Sengize ngaba yisiwula; nina ningiphoqile. Ngokuba mina kwakufanele ukuba nginconywe yinina. Ngokuba angisilele ngalutho kubaphostoli abaqhamileyo kakhulu, noma ngingento yalutho.


Ngokuba uma umuntu ezishaya utho, engelutho, uyazikhohlisa.


Ngokuba ngithi angisilele ngalutho kubaphostoli abaqhamileyo kakhulu.


Ngokuba akukho ukukhetha umuntu kuNkulunkulu.


Uma nimbiza ngokuthi Baba yena owahlulela yilowo nalowo ngokwemisebenzi yakhe engakhethi buso, anohamba ngokwesaba esikhathini sokuhlala kwenu ebufokazini,


Lalelani abaniholayo, nibathobele, ngokuba balinda imiphefumulo yenu njengabazakulandiswa ngayo, ukuze bakwenze lokhu ngokujabula, bangabubuli, ngokuba lokhu akunakunisiza.


Bakhumbuleni ababenihola bekhuluma izwi likaNkulunkulu kini, niqonda ukuphela kokuhamba kwabo, nilingise ukukholwa kwabo.


Kanjalo thina asisayikwazi umuntu ngokwenyama; nokuba besimazi uKristu ngokwenyama, nokho manje asisamazi.


Bambuza-ke bathi: “Mfundisi, siyazi ukuthi ukhuluma, ufundisa ngokuqondileyo, awukhethi buso bamuntu, kepha ufundisa indlela kaNkulunkulu ngokuqinisileyo.


Beza bathi kuye: “Mfundisi, siyazi ukuthi uqinisile nokuthi awukhathali ngamuntu, ngokuba awubheki ubuso babantu, kodwa indlela kaNkulunkulu uyifundisa ngeqiniso. Kuvunyelwe ukuthela kuKesari noma qha? Sithele nokuba singatheli na?”


Bathuma kuye abafundi babo kanye nabakaHerode, bathi: “Mfundisi, siyazi ukuthi uqinisile, ufundisa indlela kaNkulunkulu ngeqiniso; awukhathali ngamuntu, ngokuba awubheki ubuso babantu.


ongakhethi ubuso bezikhulu, onganaki ocebileyo kunompofu, na? Ngokuba bonke bangumsebenzi wezandla zakhe.


Ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu unguNkulunkulu wawonkulunkulu, neNkosi yamakhosi, uNkulunkulu omkhulu onamandla nowesabekayo, ongakhethi buso bamuntu, nongamukeli mvuzo.


Ngokuba ngaphambi kwalezi zinsuku kwasuka uThewuda ezishaya omkhulu; kwanamathela kuye amadoda angathi amakhulu amane; wabulawa yena nabo bonke abamlalelayo, bachitheka, baphela.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite