Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseGalathiya 2:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Kepha ekufikeni kukaKhefase e-Antiyokiya ngamelana naye ubuso nobuso, ngokuba wayenecala.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 Kepha lapho uKhefase efika e-Antiyokhe, ngamelana naye ubuso nobuso, lokhu wayenecala.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

11 Kepha uPetru esefikile e-Antiyokiya ngamelana naye ebusweni, ngokuba wayenecala.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Kepha uPetru esefikile e-Antiyokiya ngamelana naye ebusweni, ngokuba wayenecala.

Gade chapit la Kopi




KwabaseGalathiya 2:11
31 Referans Kwoze  

Abonayo ubasole phambi kwabo bonke, ukuze nabanye besabe.


Kepha kuthe sengibonile ukuthi kabahambisi ngokweqiniso levangeli, ngathi kuKhefase phambi kwabo bonke: “Uma wena ongumJuda uhamba ngokwabezizwe, ungahambi ngokwabaJuda, ubaphoqa kanjani abezizwe ukuba bahambe ngokwabaJuda na?


Kanjalo thina asisayikwazi umuntu ngokwenyama; nokuba besimazi uKristu ngokwenyama, nokho manje asisamazi.


Kwehla abathile eJudiya, bafundisa abazalwane ukuthi: “Uma ningasokwa ngomthetho kaMose, ningesindiswe.”


Bathandekayo, njengokuba ngenza inkuthalo yonke ukunilobela ngensindiso esiyihlanganyele sonke, ngacindezeleka ukunilobela ukuba nginivuselele ukulwela inkolo abayinikelwayo abangcwele kwaba kanye.


Ngokuba sonke siyakhubeka ngokuningi; uma umuntu engakhubeki ngazwi, lowo uyindoda epheleleyo enamandla okubamba nomzimba wonke kungathi ngetomu.


bathi ukubona umusa engiwuphiweyo, oJakobe noKhefase noJohane, ababaziswa ngokuthi bayizinsika, banika mina noBarnaba isandla sokunene sokuhlangana ukuba thina siye kwabezizwe, kepha bona baye kwabasokayo,


Kepha kunalokho, lapho bebona ukuthi ngithenjiwe ngevangeli kwabangasokiyo njengoPetru kwabasokayo,


esingabahlehlelanga nasikhashana ngokubathobela, ukuze iqiniso levangeli lime njalo kinina.


Sengize ngaba yisiwula; nina ningiphoqile. Ngokuba mina kwakufanele ukuba nginconywe yinina. Ngokuba angisilele ngalutho kubaphostoli abaqhamileyo kakhulu, noma ngingento yalutho.


Yena waphenduka, wathi kuPetru: “Buyela emva kwami, Sathane; uyisikhubekiso kimi, ngokuba awuqondi okukaNkulunkulu kepha okwabantu.”


Ngokuba ngithi angisilele ngalutho kubaphostoli abaqhamileyo kakhulu.


Kepha labo ababehlakazekile ngokuhlupheka okwaqala ngoStefanu bahamba, baze bafika eFenike, naseKhupro, nase-Antiyokiya, bengalikhulumi izwi koyedwa, kubaJuda kuphela.


Wayesethi uNkulunkulu kuJona: “Wenza kahle ngokuthukuthela ngenxa yomhlakuva na?” Wathi: “Ngenza kahle ngokuthukuthela kuze kube sekufeni.”


Kepha uJona wasuka ebusweni bukaJehova ukuba abalekele eTharishishi, wehlela eJopha, wafumana umkhumbi obuyakuya eTharishishi; wakhokha imali yawo, wakhwela kuwo, ukuba ahambe nawo, aye eTharishishi, asuke ebusweni bukaJehova.


“Ngalokho bopha izinkalo zakho, usuke, ukhulume kubo bonke engikuyala ngabo; ungapheli amandla ngabo, funa ngiqede amandla akho ebusweni babo.


UJehova wathi kuMose naku-Aroni: “Njengokuba anikholwanga yimi ukungingcwelisa emehlweni abantwana bakwa-Israyeli, ngalokho aniyikungenisa leli bandla ezweni engibanike lona.”


Wamyisa kuJesu; uJesu wambheka wathi: “Wena unguSimoni kaJona; uzakubizwa ngokuthi uKhefase,” okuhunyushwa ngokuthi uPetru.


Kodwa kwakukhona abanye kubo, amadoda aseKhupro naseKhurene, abathi befika e-Antiyokiya, bakhuluma nakumaGreki, beshumayela ivangeli ngeNkosi uJesu.


Kepha kwezwakala izwi ngabo ezindlebeni zebandla laseJerusalema; lase lithuma uBarnaba ukuba ahambe afike e-Antiyokiya;


Ngalezo zinsuku kwehlela e-Antiyokiya abaprofethi bevela eJerusalema.


Kepha kwasukuma abathile behlelo labaFarisi abakholwayo, bathi kumelwe ukuba basokwe, bayalwe ukugcina umthetho kaMose.


Kwathi emva kweminyaka emithathu ngenyukela eJerusalema ukubona uKhefase; ngahlala kuye izinsuku eziyishumi nanhlanu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite