Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseFilipi 4:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 enakufunda, nakwamukela, nakuzwa, nakubona kimi, kwenzeni lokho; khona uNkulunkulu wokuthula uyakuba nani.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 Enakufunda, nakwemukela, nakuzwa, nakubona kimi, kwenzeni konke lokho; uNkulunkulu wokuthula uyakuba nani.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

9 Enikufundile, nakwamukela, nakuzwa, nakubona kimi, kwenzeni; khona uNkulunkulu wokuthula uyakuba nani.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Enikufundile, nakwamukela, nakuzwa, nakubona kimi, kwenzeni; khona uNkulunkulu wokuthula uyakuba nani.

Gade chapit la Kopi




KwabaseFilipi 4:9
36 Referans Kwoze  

Yibani ngabalenzayo izwi, ningabi ngabalizwayo kuphela, nizikhohlisa.


Ngilingiseni, bazalwane, nibabhekisise abahamba njengathi esiyisibonelo kini.


Ngakho-ke, bazalwane, khuthalelani kakhulu ukwenza kuqiniseke ukubizwa nokukhethwa kwenu; ngokuba uma nenza lokho, anisoze nakhubeka.


Uma nazi lokho, nibusisiwe uma nikwenza.


Ukuthula kukaNkulunkulu okudlula ukuqonda konke kuyakulondoloza izinhliziyo zenu nemicabango yenu kuKristu Jesu.


Kepha uNkulunkulu wokuthula uzakumchoboza masinyane uSathane phansi kwezinyawo zenu. Umusa weNkosi yethu uKristu mawube nani.


Elokugcina, bazalwane, thokozani, nipheleliswe, niduduzwe, nibe nhliziyonye, nibe nokuthula; khona uNkulunkulu wothando nokuthula uyakuba nani.


“Ningibizelani ngokuthi: ‘Nkosi, Nkosi,’ ningakwenzi engikushoyo, na?


nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho; bhekani, mina nginani izinsuku zonke kuze kube sekupheleni kwezwe.”


“Asibo bonke abashoyo kimi ukuthi: ‘Nkosi, Nkosi,’ abayakungena embusweni wezulu, kuphela owenza intando kaBaba osezulwini.


Siyethemba eNkosini ngani ukuthi lokhu esiniyala ngakho niyakwenza nokuthi nizakukwenza.


Nani naba ngabalingisi bethu, nabeNkosi senilamukele izwi ekukhathazekeni okukhulu ngokuthokoza kukaMoya oNgcwele,


Kepha uNkulunkulu wokuthula, yena uqobo, makaningcwelise ngokupheleleyo, kulondolozwe umoya wenu wonke nomphefumulo nomzimba, kungabi nacala ekufikeni kweNkosi yethu uJesu Kristu.


UNkulunkulu wokuthula makabe nani nonke. Amen.


Wathi unina ezincekwini: “Nayikuphi akusho kini anokwenza.”


Kepha waphendula, wathi kubo: “Umame nabafowethu yilabo abalizwa izwi likaNkulunkulu, balenze.”


Ngokuba nina bazalwane naba ngabalingisi bamabandla kaNkulunkulu aseJudiya akuKristu Jesu, ngokuba nani nahlushwa ngabesizwe sakini, njengalokho nawo ahlushwa ngabaJuda


Ngakho-ke noma nidla, noma niphuza, noma nenzani, konke kwenzeleni udumo lukaNkulunkulu.


UMose wayesebiza wonke u-Israyeli, wathi kuye: “Yizwa, Israyeli, izimiso nezahlulelo engizikhuluma ezindlebeni zakho namuhla ukuba uzifunde, uqaphele ukuzenza.


kodwa vuka ungene emzini, uzakutshelwa lokhu omelwe ukukwenza.”


ungesabi, ngokuba mina nginawe; ungapheli amandla, ngokuba mina nginguNkulunkulu wakho; ngiyakuqinisa, futhi ngiyakusiza, yebo, ngiyakusekela ngesandla sokunene sokulunga kwami.


INkosi mayibe nomoya wakho. Umusa mawube nani.


ngokuba uNkulunkulu kasiye owesiyaluyalu kepha ngowokuthula. Njengokuba kunjalo emabandleni onke abangcwele,


Ningabahlobo bami, uma nenza lokhu enginiyala ngakho.


nesikucelayo siyakukwamukeliswa nguye, ngokuba sigcina imiyalo yakhe, senza okuthandekayo ebusweni bakhe.


“Bheka, intombi iyakukhulelwa, izale indodana; bayakuyiqamba igama lokuthi u-Emanuweli,” okungukuthi ngokuhunyushwa “uNkulunkulu unathi”.


Lulekanani nokululekana, kepha kuyakuchithwa; khulumani izwi, kodwa aliyikuma, ngokuba uNkulunkulu unathi.


Ngakho-ke ngiyanincenga ukuthi: Yibani abalingisi bami.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite